.
Njengoba abahlali bakuleli bebheke okhethweni oluzoba ngomhlaka 29 kwephezulu, labo bakuleli abazinze phesheya kwezilwandle ababhalisela ukuvota belapho bekhona sebevotile njengoba lempelasonto bekusikhathi sabo sokuba bavotele amaqembu abahamba nawo.
Bangaphezulu kuka 70 000 abakuleli abaphesheya kwezilwandle ababhalisele okuvota okhethweni luka 2024. Baqale ukuvota ngolwesihlanu, Kulaba bangaphezulu kuka 24 000 abazinze eLondon okulindeleke ukuba baqedele namuhla ukuvota kwabo.
Abakuleli babonakale bekuthokozele ukuba yingxenye yokuvota njengoba bebephume ngobuningi babo beshaye ujenge emazweni ahlukahlukene.