IHlula Dlala Promotions izolo isethulele umdlalo wosaziwayo wesibhakela e-Olive Convetion Center eThekwini lapho bekuqhathwe khona uBig Zulu ongumculi we Afro pop odabuka eBergville kanye no Phumlani Njilo ongusomabhizinisi wase wasePietermaritzburg.
UBig Zulu uhambe phambili emzuliswaneni wokuqala kube sekushintsha ukudla epletini ebuya ngamandla uNjilo ekhipha izibhakela ezinenkosi phakathi yavele yabona izinkanyezi inkabi.
Abawazi kangcono lomdlalo bathi uBig Zulu ubeze ngecebo loku sebenzisa amanda ashaye iKnockout kanti icebo lika Njilo libe nobuhlakani kakhulu lokuthi agijime inkundla yonke ukuze ekhathaze uBigZulu nelimsebenzele kakhulu.
UBig Zulu uthe akajabulanga ngamajaji ngoba abembuka nje lomuntu emubamba kodwa ube esebongela uNjilo ngokunqoba kwakhe. UNjilo ube esecela ukuqhathwa no Casper emdlalweni wakhe ozolandela emva kokwehlula iNkabi.