Iqembu likamaskandi Abafana bakaMgqumeni babhekene nenkinga yokungaqashwa.
Leliqembu okucula kulo uNelisani kanye noSkhevane Mseleku bakhala ngokuvalelwa ngaphandle emicimbini kaMaskandi.
UNelisani ekhuluma nabezindaba uthi kulenyanga baqashwe kathathu kuphela nakhona akusiyo imicimbi emikhulu. Uthe bagcina ukudlala emcimbini omkhulu ngenkathi bedlala kwi Mpucuzeko eyayiseThekwini ngenyanga eyedlule.
UNelisani uthi sikhuluma nje kunemicimbi emikhulu ezobe ikulempelasaonto oku-Ugu Maskandi Festival kanye noMbuso wamaciko kodwa bona abazange baqashwe nesizathu abasazi.
Leliqembu kade selizitshela ukuthi kungenzeka ukuthi abantu abasawuthandi umculo walo kodwa ngathi akunjalo uma bebuka indlela abantu abamukele ngayo ingoma yabo ethi Ngiyakudinga Dali.
Leliqembu lithi seilke lazama ukukhuluma nabahleli bemicimbi kodwa bakhala ngokungabi bikho kwemali.