Kube wusuku lwenjabulo nobumnandi kubathandi bomculo kamaskandi baseMnambithi ngoMgqibelo wpmhlaka-28 kuMandulo.
Lomcimbi waminyaka yonke owaziwa ngokuthi yi-150 Maskandi Festival ohlelwa yinkampani ehlelala imicimbi iBanzi Production uheha abantu abaningi abasuka ezingxenyeni eziningi zaKwaZulu-Natal ikakhulukazi abathanda umculo kaMaskandi.
nakuba bekukhona izexwayiso zesimo sezulu esingesihle obekumenyezelwe izangoma zezulu, kodwa lomcimbi ukwazile ukuqala uze uphele kungabanga bikho ukuphazamiseka ngokwesimo sezulu.
Kulonyaka lomcimbi ubugabe ngabaculi abadumile abafana neGcokama Elisha, inkosi Yamagcokama, UGatsheni, UMenzi, Amavukela Mbuso, uJaiva Zimnike UDumakahle nabanye abaningi. Kulomcimbi kuphinde kwagqama abaculi bendawo abasafufusa abafana noNdi Sithole, Thuli Mxabo, uBalance nabanye abaningi abakhombisa ukukhula okukhulu kulomkhakhaka.
kuhlalukile ukuthi ezokuphepha beziqinisiwe kulokhu uma uqhathanisa nangonyaka owedlule. Uzokhumbula ukuthi ngonyaka owedlule kwaba nezigameko ezingezinhle lapho kwalimala khona abantu abambalwa kanye nokuhlukumezeka kwabanye osaziwayo ababehambele lomcimbi. Kulonyaka akukho zigameko ezimbi ezibikiwe.