Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

AMAPHOYISA AKHALA NGOMKHUBA OMUSHA WOKUTHUMBA ABAPHUNYELWE YIZIMALI ZIKA-RAF KWAZULU NATALI

Posted on 6 October 2024

Izibalo zikhombisa ukuthi amacala amaningi okuthumba nokuphoqwa kwemindeni yalowo osuke ethunjiwa ukuthi bakhiphe imali enzeka KwaZulu-Natal (KZN) naseGauteng. Lobu bugebengu buyanda, futhi izigebengu ziqala ukugxila emindenini yabantu abalahlekile, zinikeze ulwazi lwamanga ngokucela imali. IGauteng ibike amacala angu-81, kanti i-KZN inamacala angu-15, amanye ahlobene nokuhweba ngabantu.

U-Prem Balram we-Reaction Unit South Africa (Rusa) uthe abantu abangaphezu kuka-15 babikwe ukuthi balahlekile ngo-Agasti, abanye babo batholakala kamuva. Kwesinye isimo, uMinenhle Manyoni, umfundi wase-College of Cape Town, walahleka. Umndeni wakhe, ongowasePietermaritzburg, waxhaphazwa ngabakhohlisi abacele imali ngokubanikeza ulwazi, nakuba bengakaze bahlinzeke imininingwane yasebhange. Lolu hlobo lokuxhaphaza seluyinsakavukela, lusebenzisa usizi lwemindeni.

Umphenyi ozimele uBrad Nathanson uqinisekise ukukhula kokuxhaphazwa kwabantu bekhohliswa ngokuthi amalunga emindeni yawo ikhona futhi bangabuya inqobo nje uma bengakhipha isamba semali esithile. U-Chad Thomas, wase-IRS Forensic Investigations, uchaze ukuthi akhuphukile amacala okuthunjwa kwabantu kuhloswe ukufuna imali. uthi lokhu kudalwa isigwebo esiphansi esitholwa abathumbi kuleli uma betholakale benamacala

UKhomishana wamaphoyisa ase-KZN uNhlanhla Mkhwanazi ugcizelele ukuthi amacala amaningi okuthunjwa ahlelwe ngenhloso yokuxhaphaza abantu baqolwe izimali zabo. Uveze ukuthi kwezinye izimo, abantu abathola izimali ezinkulu, njengalabo abazuza kwi-Road Accident Fund, bayathunjwa bethunjwa yizihlobo zabo nabangane babo abasondelene nabo. UMkhwanazi uqinisekise ukuthi amaphoyisa asebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi isimo siyalawulwa e-KZN.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme