Inhlangano ezimele yezempilo ithi naphezu kwemizamo emikhulu yokunqanda isandulelangculazi nengculazi, amadoda aseNingizimu Afrika asabhekene nezinselelo ezinzima. I-Right to Care ibilokhu ixoxa ngokukhathazeka kwayo njengoba izwe ligubha Inyanga Yezempilo Yabesilisa.
Phakathi kokunye, le nhlangano igqugquzela ukusokwa kwabesilisa ngokuzithandela ngokwelashwa ngomkhankaso wayo wokuvikela njengendlela yokunciphisa amathuba okutheleleka.
IHuman Sciences Research Council yaveza ngo-2022 ukuthi iKZN iyona ehamba phambili ngesibalo sabantu abahaqwe yigciwane lengculazi, ilandelwa yiMpumalanga.
Ucwaningo lwayo lwesithupha lwembula ukuthi amaphesenti angu-50 ezinsizwa ezineminyaka ephakathi kuka-15 no-24 futhi ezike zasokwa ngokokwelashwa zinengozi ephansi yokuthola i-HIV.
USizwe Hlongwane, oweRight to Care, uthi imiphumela ikhombisa ukuthi amadoda amadala adinga ukwelulekwa nokufundiswa.
“Ukusoka kusiza ekwehliseni ukusulelana kwe-HIV ngocansi ngamaphesenti angama-60. Kutholakala mahhala eNingizimu Afrika yonkana.”