Uzoqeda iminyaka emine manje umjaho I Nquthu June owenziwa minyaka yonke e Nquthu.
Lomjaho usuke uhlunga amahhashi azobe etelebhela kumjaho omukhulu kazi wesifundazwe i Dundee July.
Kulonyaka lomjaho uqondane neholidi labantu abasha lango mhlaka 16 June kanti uzothatha impelasonto yonke.
Imithombo yephephandaba uThukela News times lithole ukuthi umaspala wase Nquthu nabanye bahlele ukuthi ube nemidlalo eyahlukene kusuka ngomgqibelo mhlaka 15 kuze kube ngumsombuluko mhlaka 17.
Kodwa ke indaba ingesonto lapho amahhashi asuka ezindaweni ezahlukene ikakhulu eMnambithi nawo efuna ukuyozibona engena kwi Dundee July yalonyaka.
Umeya kamaspala iNquthu uMnuz Lindokuhle Shabalala uthi cha sebeme ngomumo ukwamukela izihambeli ezizoba yinxenye yalomjaho ufuthi nezokuphepha cha zobe ziqiniswe kakhulu. Wathi into enhle nezikole zobe zivaliwe abantwana laba abagijimisayo bazokwazi ukuba yinxenye yama hhashi.
kanti ngenkathi iphepha limbuza ngemi klomelo uShabalala akafunanga ukungena kakhulu kuyo kodwa uthe muhle umklomelo ozotholwa ilowo ozowina kwabesilisa nabesifazane.