Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

ABE PODCAST AND CHILL OHLELWENI OLUSHA KU-SABC 2

Posted on 25 March 2024



Abasakazi be-podcast abadumile uSolomzi ‘Sol’ Phenduka kanye noMacgyver ‘MacG’ Mukwevho bazongena kolunye uhlelo lokuzijabulisa kumabonakude maduze. Laba ababili abanamandla kwezokusakaza baqinisekise ukuthi bazophatha uhlelo olusha olubizwa nge-Raid the Cage: South Africa.

Lolu hlelo ludidiyelwe ngu-Anele Mdoda kanye nenkampani kaFrankie Du Toit, i-Rose and Oaks Media, njengoba kubikwe umhlaziyi wezokungcebeleka uPhil Mphela, lo mdlalo othandwa abantu abaningi uthathelwe emdlalweni waseMelika ophethwe ngumlingisi uDamon Wayans Jr kanye nomsakazi wethelevishini uJeannie Mai.

USol uveze ukuthi umdlalo uzohlanganisa amaqembu amabili okumele anqume ukuthi yimiphi imiklomelo afuna ukuyinqoba. Nokho, imiklomelo ingatholwa kuphela uma amalungu eqembu ephendula imibuzo ezobuzwa u-MacG no-Sol ngendlela efanele phakathi nesikhathi esithile.

“Kuzoba khona okusandlu. Kulendlu, kukhona zonke izinhlobo zezinto: izimoto, ama-TV, imali, izinto ezisetshenziswayo, izindawo zokuphumula eholidini, nezingubo. Cabanga isitolo esifana noMakro noma i-Game.”

USol wengeze ngokuthi, “Kumele baphendule imibuzo ngolwazi olwejwayelekile. Yonke imibuzo abayitholayo, batholela umuntu osendlini yezipho isikhathi sokuhlwitha izinto eziningi azozinqoba. Kodwa-ke, abazi ukuthi banesikhathi esingakanani endlini. Uma bengawutholi umbuzo, isikhathi siya ngokuya siphela. ”

Noma kungakaziwa ukuthi lolu hlelo luzoqala nini kodwaluzodlala kuSABC 2 fithi luzodlala iviki lonke.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme