Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

ABASEMOZAMBIQUE ABAHLALA ETHEKWINI BAMASHELE IZIBHELU EZIQHUBEKA EZWENI LABO

Posted on 12 December 2024

Iqeqebana labantu baseMozambique abahlala eThekwini ligcwale imigwaqo libhikishela abathi ubugebengu obubhekiswe esintwini ezweni labo.

Bamashe besuka epaki iSaratoga eMhlanga baya eNxusa laseMozambique eLa Lucia.

IMozambique ike yaba nezinxushunxushu zezombusazwe, ezibhebhethekiswe yizinxushunxushu ezidalwe wukhetho lwango-Okthoba okwabangwa ngalo lapho iFrelimo imenyezelwa ukuthi idle umhlanganiso.

Izinhlangano zomphakathi zithi bangaphezu kuka-100 abantu asebebulewe ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho, besola umkhankaso owenziwe nguhulumeni.

UNgqongqoshe Wezangaphakathi ngenyanga edlule wabiza le mibhikisho ngokuthi “izenzo zobuphekula”.

ULidia Congolo, ozichaza njengesishoshovu, ube yingxenye yombhikisho.

Uthi bafuna ukubuyela ekhaya, kodwa isimo sakhona senza kube nzima.

“Kumele sisebenze kanzima ukwakha isizwe sethu futhi siphumelele. Sesikhathele ukubizwa ngabangaphandle lapha.”

Omunye umbhikishi, uPaul Manhiça, usenxuse amazwe ase-Afrika, ikakhulukazi iNingizimu Afrika, ukuthi alekelele ekudambiseni ukushuba kwesimo ezweni elingumakhelwane.

“Ngiyacela, siyakuncenga wena Ningizimu Afrika – ngicela ungenelele kule nkinga yaseMozambique.”

Le nhlangano ithe inohlu lwezimfuno kuNxusa, okuhlanganisa nokufuna ukuthi kube sobala ngokhetho lwakamuva.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme