Iqeqebana labantu baseMozambique abahlala eThekwini ligcwale imigwaqo libhikishela abathi ubugebengu obubhekiswe esintwini ezweni labo.
Bamashe besuka epaki iSaratoga eMhlanga baya eNxusa laseMozambique eLa Lucia.
IMozambique ike yaba nezinxushunxushu zezombusazwe, ezibhebhethekiswe yizinxushunxushu ezidalwe wukhetho lwango-Okthoba okwabangwa ngalo lapho iFrelimo imenyezelwa ukuthi idle umhlanganiso.
Izinhlangano zomphakathi zithi bangaphezu kuka-100 abantu asebebulewe ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho, besola umkhankaso owenziwe nguhulumeni.
UNgqongqoshe Wezangaphakathi ngenyanga edlule wabiza le mibhikisho ngokuthi “izenzo zobuphekula”.
ULidia Congolo, ozichaza njengesishoshovu, ube yingxenye yombhikisho.
Uthi bafuna ukubuyela ekhaya, kodwa isimo sakhona senza kube nzima.
“Kumele sisebenze kanzima ukwakha isizwe sethu futhi siphumelele. Sesikhathele ukubizwa ngabangaphandle lapha.”
Omunye umbhikishi, uPaul Manhiça, usenxuse amazwe ase-Afrika, ikakhulukazi iNingizimu Afrika, ukuthi alekelele ekudambiseni ukushuba kwesimo ezweni elingumakhelwane.
“Ngiyacela, siyakuncenga wena Ningizimu Afrika – ngicela ungenelele kule nkinga yaseMozambique.”
Le nhlangano ithe inohlu lwezimfuno kuNxusa, okuhlanganisa nokufuna ukuthi kube sobala ngokhetho lwakamuva.