Amabandla ahlukene ezenkolo, abefundisi ,umphakathi kanjalo nobuholi buka maspala i-Alfred Duma babambe umkhuleko wokubonga omdala wezinsuku namuhla ehholo ledolobha eMnambithi.
IMeya yomkhandlu ukhansela uZama Sibisi nabambisene nabo wenza lomkhuleko unyaka no nyaka lapho besuke bebonga baphinde bakhulekele amaholidi aphephile kanjalo nokuthula emphakathini eyahlukele.
Ekhuluma nabazindaba uMeya uthe lomkhuleko wenza ukuthi kube lula kumakholwa ukuba akhuleke ngazwi linye kuNkulunkulu. wabe esecele zonke izakhamuzi ukuba ziziphathe kahle kulamaholidi futhi kungabi bikho umuntu ohlukumeza omunye. wazifisela ukhisimusi omuhle namaholidi anokuthula.
UmBhishobhi uNkayiso Makhoba okhulumele amabandla ahlukene uthi njenge bandla kumele umkhuleko wabo ugxile ekuceleni uNkulunkulu ehlise umoya wokuthula nozwano nenhlalonhle emiphakathini eyahlukene. wabonga kakhulu uMaspala waseAlfred Duma ngakuhlela lenkonzo.