Uhlongoza imashi ebheke esiteshini samaphoyisa aseSahlumbe umphakathi wakulendawo emva kokubulawa kowesilisa wakulendawo okuthiwa ubulawe ngabebezibiza ngamaphoyisa.
Izolo, amalungu omphakathi nomndeni kamufi bavukele esiteshini smaphoyisa khona esahlumbe ukuyozwa ukuthi ngabe ubenzeni lomlisa okuthiwa udutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu. Into okuthiwa imangaze kakhulu lomphakathi ukuthi batshelwe ukuthi abawazi lawo maphoyisa esiteshini.
Noma imininingwane ngaloludaba ingakacaci kahle kodwa lomphakathi uthi aweneme ngencazelo ngokubulawa kwalomlisa. Bakholwa ukuthi amaphoyisa akhona akwaziyo ngokufa kwakhe. Ngokwemininingwane esabalele ezinkundleni zokuxhumana, lomphakathi uhlongoza ukumashela kulesi siteshi ukuze uyozibuzela kumphathi siteshi ukuthi ngabe ngempela kuza kaknjani ukuthi angazwazi amaphoyisa okuthiwa yiwona adubule abulala lomlisa.
Amaphoyisa akulesi siteshi awatholakalanga ukuphawula ngalolu daba.