Ilungu le-EFF uMgcini Tshwaku useziphendulele ngowayeyiPhini lomholi uFloyd Shivambu, osanda kubiza leliqembu nge,”Cult” okuchaza ukuthi liyiqembu elibuswa ngumuntu-munye. UShivambu wenze lesi sitatimende ngesikhathi enesithangami nabezindaba, wathi uyavumelana nabamxwayisa ngokubuyela eqenjini.
UShivambu washiya i-EFF ngonyaka odlule wajoyina i-MK Party kaJacob Zuma kodwa wabuye wasuswa esikhundleni sokuba nguNobhala-Jikelele wayo. Manje uhlela ukuqala iqembu elisha.
Ekhuluma ne-Newzroom Afrika, uTshwaku uyivikele kakhulu i-EFF, wathi, “Angithunyiwe mina yi”cult”. I-EFF iyinhlangano yentando yeningi lapho kubalulekile ukuziphendulela nokusebenza kanzima.”
Usole uShivambu ngokuba umholi oyivila ongenzi lutho emazingeni aphansi. “U-Floyd ubevilapha. Yithina ebesenza umsebenzi onzima kwi-EFF, yena ubefika esezolanda imibiko bese eyanyamalala. Wayevele asikhe ngensini uma sibhekene nezingqinamba ezifana nokuswela uphethiloli nendawo yokulala.”
UTshwaku uphinde wabiza uShivambu “ngegwala” ngokungaluphakamisi udaba lwakhe eqenjini.