Ugwetshwe udilikajele umlisa waKwaZulu-Natal, u-Ayanda Zwane waseZakheni eMnambithi, ngecala lokubulala indodana yakhe eneminyaka eyisithupha. Lesi sigameko senzeka ngoJuni nyakenye emzini wabo Ezakheni.
Ngokwemibiko yasenkantolo, uZwane waxabana nomama womfana ngobusuku bangoJuni 17. Ngemva kokumxosha egcekeni, Wahlasela indodana yakhe eyayilele ngaleso sikhathi. Ingane yalimele kabi ekhanda yashonela endaweni yesigameko.
UZwane waboshwe ngemuva kwesigameko. Ngesikhathi kuqhubeka icala, abashushisi baveze ukuthi lesi sigameko siwuhlukumeze kakhu umndeni. Izihlobo zomfana zithi namanje azikaqondi ukuthi yini eholele ekutheni uZwane enze lesi senzo esinyantisa kangaka zacela inkantolo ukuthi ingamhawukeli.
INational Prosecuting Authority (NPA) isamukele isigwebo sikadilikajele, yathi bathemba ukuthi sizoduduza futhi sivale umndeni oshonelwe.