Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES
[player id=4301]
Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UKHIHLE ISILILO PHAMBI KWASESITESHINI SAMAPHOYISA UMAMA KASIYABONGA OWANYAMALALA EZANDLENI ZAMAPHOYISA ASEMNAMBITHI

Posted on 20 June 2025

Ukhihle isililo phambi kwamaphoyisa asesiteshini saseMnambithi umama kaSiyabonga Zikalala owanyamalala ngenyanga ka-April emva kokuthathwa ngamaphoyisa.

Umama kaSiyabonga ubeyingxenye yemashi ebisuka enkundleni yezemidlalo eSettlers Park edolobheni eMnambithi, iya ekamu lamaphoyisa khona kuleli dolobha. Lemashi, ebihanjelwe yizinkumbi zabantu baselokishini laseSteadville, ibihlose ukuhambisa uhlu lwezikhalo zabo ngokungeneliseki ngendlela amaphoyisa asingethe ngayo udaba lukaSiyabonga.

Usiyabonga wayekade exabene nomunye umlisa wakhona eSteadville ngesikhathi esemsebenzini njengoba ebekade esebenza njengomakhi wezindlu. Emva kwalengxabano, kuthiwa usiyabonga washaya lona omunye umlisa ngetshe okwadala ukuthi lomlisa abize amaphoyisa. Kuthiwa ngempela lafika iphoyisa nokho lalingahambi ngemoto yamaphoyisa emakiwe kodwa kwakuyimoto nje. Waboshwa-ke uSiyabonga nokwathi uma umndeni usuyombheka ngakusasa watshelwa ukuthi uSiyabonga uphulukundlelile ezandleni zamaphoyisa wabaleka. Amaphoyisa athi uSiyabonga wabe eseziphosa emfuleni iKlipriver obude buduze nesiteshi samaphoyisa, nokuyilapho nawo amaphoyisa amgcina khona.

Ekufikeni kwalomphakathi esiteshini samaphoyisa namuhla, utshelwe ukuthi uMphathi siteshi akekho ngoba kuvele isifo kubo. Uhlu lwezikhalo lwamukelwe uKhenela uZuma, othembise ukuthi bazobuya nezimpendulo zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa.

Phakathi kokukunye obekubhalwe wumphakathi kulomqulu wezikhalo kukhona nalokhu okulandelayo:

  1. Umphakathi ufuna ukukhonjiswa umfanekiso wamakhamera asesiteshini samaphoyisa ukhombisa uSiyabonga ebaleka njengoba amaphoyisa ethi wabaleka
  2. Umphakathi funa ukwazi kabanzi ngesikhathi abathi leliphoyisa elaliyomlanda lasichitha emgwaqeni uForbes Street ngaphambi kokufika naye esiteshini. Bathi kunamahora amabili avela kulwazi lweCar Tracker olukhombisa lokhu, bafuna ukwazi ukuthi yini lena engaka eyayenziwa kulomgwaqo noSiyabonga.

Lomphakathi usabise ngokuthi kuzovalwa idolobha lonke mhla bebuya uma kungukuthi abazitholi izimpendulo ezibagculisayo ngaloludaba.

Leave a Reply Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Recent Posts

  • WAYEVELE ENGUVILA VOCO UFLOYD NANGESIKHATHI ESEKU-EFF – MGCINI TSHWAKU
  • UGWETSHWE UDILIKAJELE UMLISA WASEZAKHENI OWABULALA INGANE YAKHE(6)
  • KUBOSHWE UMNIKAZI WENKAMPANI E-KZN EQHASHE ABOKUFIKA ABANGENAZO IZINCWADI EZIFANELE
  • UKHIHLE ISILILO PHAMBI KWASESITESHINI SAMAPHOYISA UMAMA KASIYABONGA OWANYAMALALA EZANDLENI ZAMAPHOYISA ASEMNAMBITHI
  • KUBOSHWE ABAFUNDI ABABILI NGEZINSOLO ZOKUBULALA OMUNYE UMFUNDI

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

UTHUKELA  FMUTHUKELA FM
Listen on myTuner radio!
    ©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme