Esigamekweni esishaqisayo, amaphoyisa kaMasipala waseGoli (JMPD) kanye noMnyango wezokuPhepha koMphakathi weDolobha bagasele endaweni ehlala abantu abadla izambane likapondo eHoughton, bathola abantu bangaphandle abangama-90 abangenazo izincwadi behlala endlini eyodwa ngaphansi kwezimo ezibucayi
Ngokulunywa indlebe, iziphathimandla zathola laba bantu begcwele emagumbini esikhashana ahlukaniswe ngamakhethini, okuphula ngokusobala imithetho yokuthuthela kwelinye izwe kanye nemithetho kamasipala.
Ngesikhathi amaphoyisa egasela kulendawo, owesilisa okuthiwa nguyena ongumnikazi nokhokhisa irenti kulendawo, uboshwe ngemuva kokuzama ukubaleka wacasha otshanini obukhule ngemuva kwesakhiwo. Uphenyo lukhomba umuntu wesithathu ochazwe njengowesilisa omhlophe, okumanje usaphenywa ukuthi uyathinte kanjani. Yize bungekho ubufakazi bokushushumbiswa kwabantu noma imisebenzi ehlobene nezidakamizwa, leli cala seliphakamise intukuthelo mayelana nokudliwa kwempahla ngokungemthetho kulo lonke elaseGoli, okuholele ekutheni kukhuliswe ukuqapha.
UDkt Mgcini Tshwaku, uMMC wezokuPhepha koMphakathi, usigxekile lesi simo, wanxusa izakhamuzi ukuthi zibike ukwephulwa okufanayo ukuze kugwenywe izimo zokuxhaphaza. Indawo imakwe ukuthi ivalwe, i-JMPD iqinisekisa ukuthi akukho ukuhlalwa kwabantu okwenzekayo. Laba bantu abangu-90 manje sebebhekene nokudingiswa noma bathathelwe izinyathelo zomthetho njengoba iziphathimandla zisebenzela ukubuyisela ukuthula nokulungisa udaba olubanzi lwezindawo zokuhlala ngokungemthetho edolobheni.
Ukuba labantu bekungama South African ngabe kdala baboshwa bagwetshwa kodwa abangaphandle baphathiswa okwamaqanda ngathi yibo abavotayo