Umasipala waseMsunduzi ubhekwe ngeso lokhozi kulandela ukutholakala kokuphathwa budedengu kanye nokungahanjiswa kahle kwezimali kuloya. Ukucwaningwa kwamabhuku kulomaspala kwembule izinto ezimbalwa ezibalulekile, okuhlanganisa ukutholakala ukuthi kunesisebenzi salomaspala esithole iholo kusukela ngo-2016 kuya ku-2019 singakaze salubhada emsebenzini.
Umasipala uhlulekile wukusebenzisa izinhlelo ezifanele zokulawula izikweletu nokuholele ekutheni kube nesamba esikhulu sesikweletu esingakhokhiwe esigcine sesisuliwe. Ngonyaka wezimali ka-2021-22, abaphathi abazange babhekane namaphutha ngamamitha kagesi wekhadi, okubeke umasipala engozini enkulu yezimali. Ukwengeza, inkontileka eyanikezwa ngo-2020 yokwakhiwa kweReservoir yase-Copesville isalokhu ingaphelele ngenxa yokungahlelwa kahle nokwengamela, okubangela ukubambezeleka kanye nokwenyuka kwezindleko.
Ngenxa yalokhu okutholakele, sekuqaliswe uphenyo olusemthethweni ukuze kubhekwane nezinsolo zenkohlakalo, ukungaphathwa ngendlela kwezimali kanye nokugxambukela kwezombusazwe. Kube nezikhalazo zokuqondiswa kwezigwegwe kulabo abathintekayo futhi kubuyiswe izimali zomphakathi.
Izakhamizi zendawo kanye nezinhlangano zomphakathi zizwakalise ukukhungatheka okukhulayo ngokungasebenzi kahle kukamasipala, nokukhomba ukuntula kobuchwepheshe nokuziphendulela. Bafuna izinguquko eziphuthumayo ukuze kubuyiswe ukulethwa kwezidingo okuthembekile kanye nokuziphatha kahle kwezezimali.