Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

KUNGENZEKA UKUTHI UBUTHI OBABULALA IZINGANE EZIPHAZA BABUFAKWE NGABOMU – IPHINI LIKANGQONGQOSHE

Posted on 26 March 2025

IPhini likaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana uMnuz Namane Masemola useveze izinsolo ezishaqisayo zokuthi kungenzeka ukuthi ukufa kwezingane zibulawa ukudla okunegciwane espaza ngo-2024 kwenziwa ngamabomu. Ekhuluma ekomidini lasephalamende elibhekelele izimvume zokuhweba ezinikezwa abantu bakwamanye amazwe, uMasemola uhlobanise lezi zigameko namaphutha ezomthetho wokungena kwabantu abavela kwamanye amazwe, ebuza ukuthi izitolo ezingaphezi kuka-2,900 zakwamanye amazwengabe ngempela ziyayilandela yini yonke imigomo yakuleli yokuhweba.

Amalungu ePhalamende azwakalise ukungabaza ngokuthotshelwa kwezimvume, ecaphuna imibiko yabanikazi bamabhizinisi baseNingizimu Afrika ababelana ngamalayisensi ngokungemthetho noma abaqasha abokufika ukuthi baphathe izitolo. UMasemola uphinde waphikisa ukuthi ukufa kwabantwana abadla ushevu ngemva kokuthenga eziphaza zabokufika kwakuyiphutha: “Laba bafowethu nodadewethu bokufika benza izinto ngamabomu… Selokhu kwaqala ukukhulunywa lendaba, akusekho ukufa kwabantu nabantwana, lokho kudalwa yini?”

UNgqongqoshe we-COGTA uVelenkosini Hlabisa ukuvumile ukwehluleka kwemithetho, ephawula ukuthi abahloli bezempilo abangu-520 manje sebetshaliwe kodwa wavuma, “Lo mkhakha ubungalawulwa iminyaka eminingi ngakho ke awukwazi ukulungiswa ngobusuku obubodwa.” Ngenkathi eqinisekisa amalungu ePhalamende ukuthi izitolo ezithintekayo ziyavalwa, abezomthetho bafuna ukuziphendulela okuqinile ngokufa kwezingane.

Recent Posts

  • “LOYA BEKUWUMHLANGANO WONTAMO-LUKHUNI WOKUBUKELA PHANSI ABANTU ABAMNYAMA” – MALEMA
  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme