Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

SESIFINYELELE NASENYUKHASELA ISIFO SAMATELE EZINKOMENI

Posted on 19 March 2025

UNGQONGQOSHE wezoLimo uMnuz John Steenhuisen usenwebe indawo yokuLawulwa kweZifo (DMA) KwaZulu-Natal ngemuva kokutholakala kwezinkomo ezinamatele iFoot and Mouth Disease (FMD) eNewcastle. Amatele yisifo esibi kakhulu sezilwane esilawulwa uMthetho Wezifo Zezilwane ka-1984. Lo mthetho udinga izinyathelo eziqinile njengokuhlukanisa izilwane ezigulayo kanye nokunciphisa ukunyakaza kwazo, ophethwe yi-Veterinary Services.

Okhulumela uMnyango uJoylene van Wyk uthe ukubheduka kwe-FMD e-KZN namanje akukalawuleki, njengoba kusanda kuvela amacala amasha eNewcastle. Lesi sifo sisabalale sadlula i-DMA yokuqala eyabheduka ngo-2021 lapho uhlobo lwe-SAT2 FMD luvela okokuqala esifundeni.

Ukunqanda leli gciwane ukuthi lisabalale, ungqongqoshe usenqume ukwandisa i-DMA okuwuhlelo lokulawula ukusabalala kwalesi sifo. Lesi sinyathelo sizosiza ukulawula ukuhamba kwezilwane njengezinkomo, izimvu, nezimbuzi, kanye nemikhiqizo yazo, ezindaweni ezithintekile. Ukuhambisa lezi zilwane, imikhiqizo yazo, noma izakhi zofuzo ngaphandle, noma ngaphakathi kwe-DMA manje sekuvinjelwe ngaphandle uma kugunyazwe imvume yodokotela wezilwane kahulumeni. UVan Wyk wengeze ngokuthi imingcele emisha ye-DMA izomenyezelwa ngokusemthethweni kuGazethi kaHulumeni maduze.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme