USEBHEKENE nengwadla umculi weGospel ophinde abe ngumfundisi uThina Zungu ngezinsolo zokukhangisa ngezangoma ohlelweni lwakhe lwangempela, iThinaSingoZungu. Umnikazi weYouTube channel iChurch Reality Check uRicky G Leamus usole uZungu ngokuzama ukwenza uPastor Mxolisi “Striker” Shange abe umngani nesangoma uBhongolethu “Dr Khehlelezi” Mzozo. UShange wenqaba wathi balandela izinkolelo ezahlukene.
ULeamus uthi uZungu wenza isibonelo esibi sobuKristu ngokukhuthaza ukwamukela izangoma. Uphinde wagxeka uZungu ngokukhuluma ngesithembu wathi sishayisana nezimfundiso zobuKristu. Ukholelwa ukuthi uZungu uthunywe uKhehlelezi futhi usephenduke u”mmeli wobungoma”
Umfundisi uGerhard Botha we-Association of Christian Religious Practitioners (ACRP) usigxekile isenzo sikaZungu, wathi asihambisani nezinkolelo zobuKristu. Umfundisi uSongezo Fulani uthe ukusondelana kukaZungu noMzozo kukhombisa isimilo sakhe sangempela.
Umelaphi wendabuko uBrenda Selibi wasekela ubungane kuzo zonke izinkolelo ezingokomoya kodwa waphawula ukuthi ubudlelwano bungathonya izindinganiso zomuntu.
Nokho uZungu ukuchithile ukugxekwa wathi abantu basheshe bahlulele lolu hlelo. Ugcizelela ukuthi lolu hlelo lukhombisa impilo yangempela nokuthi wonke umuntu ukhululekile ukuba nemibono yakhe.