Umnyango wezamaciko ngaphansi kwesifunda uThukela usubeke isamba sika R10 000 emncintiswaneni okulindeleke ukuthi ube kulo leliviki.
Lomcontiswano ofaka oDJ kanye nabaculi abehlukahlukene uzoba ngoLweSine Mhla ka 30 kuLwezi edolobheni laseMnambithi phambi kwaseMnyuziyemu ngasehholo ledolobha. Lomncintiswano uvuleleke ukuthi ungangenelwa noma ngubani onguDJ noma umculi kulesi sifunda.
Kucelwa bonke abafisa ukuba yinxenye yalomcintiswano ukuthi basheshe bafike ngalo uLweSine ukuze bakwazi ukubhalisa. Lesi samba sihlukaniswe kanje:
Ozobashaya bonke emakhanda uzothola uR5000
Ozophuma isibili uzothola uR3000
Ozolala isithathu yena uzohlomula uR2000