Intaka ibekelwe amazolo kuloMgqibelo esiya kuwo kumaciko azinze esifundeni uThukela njengoba ezobe ekhombisa amakhono awo ehlukahlukene kwidili lamaciko elizobe libanjelwe khona ehholo ledolobha eMnambithi.
Inhlangano emele amaciko kuleli i-Cultural and Creative Industries Federation of South Africa(CCIFSA), ihlele leFestival emva kwenhlokhono eyenziwa ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kuso lesi sifunda.
“Senza inhlolokhono kuwo wonke amaciko asoThukela, sase sikhetha lawo aphumelela ukuthi yiwona azonandisa kulendumezulu yeFestival.” Kuchaza usihlalo weCCIFSA oThukela uMnumzane Sandile Mazibuko. UMazibuko uqhube wathi baphinde baba noqeqesho lwezinsuku ezine nalamaciko ukuwacija ngamacebo okuphumelela kulomkhakha. Phakathi kwalabo ebebecija lamaciko kubalwa neThe Playhouse yodumo lwemidlalo yeshashalazi eKZN kanye nabanye asebemnkantshubomvu kwezobuciko.
Phakathi kwamaciko azobe enandisa kuleli dili sibala Imbongi Yezibonakaliso, uMakhenikha, Empress Gqama nabanye abaningi.
iFestivali izoqala nngehora leshumi ekuseni, kanti kungenwa mahhlala.