Ukhale ngokungabi namali umgadli weTS Galaxy inkantolo imyalela ukuthi akhokhe imali engango R3000 yebheyili.
UThamsanqa Gabuza obhekene necala lokucekela phansi impahla uboshwe ngoLwesibili emva kokuzinikela emaphoyiseni aseBramely eGoli. Lomgadli oke wagijima kwi-Orlando Pirates nakwiBafana Bafana, ubhekene necala lokucekela phansi impahla okuthiwa lenzeke esigamekweni esenzeke eSandton.
Ugabuza uvelile enkantolo izolo nokuyilapho inkantolo inqume khona ukulihlelisa icala. ibe isimnika umyalelo wokuthi akhokhe ibheyili ka R3000. Ummeli kaGabuza uMnumzane Themba Ngobeni, ukhale ngokuthi lomdlali angeke abe nayo lemali kodwa angakwazi ukukhokha uR2000 ngoba nakhu inyanga isatshekile futhi inomndeni ewunakekelayo. Inkantolo isinqabile lesi sicelo yathi uGabuza kuzomele awukhokhe lo R3000 uma engenawo uzolinda ezitokisini.
Lomgadli ugcine ephume ngayo ibheyili kaR3000, kanti kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo ngomhla ka 11 kuDisemba kuwo lonyaka.