Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Bross usole inhlangano eyengamele ibhola ezwenikazi i-Africa iConfederation Of African Football(CAF) ngokudliwa kwezakhe izolo ezweni laseRuanda. IBafana ishaywe ngamagoli amabili eqandeni ibhaxatshulwa yiqembu laseRuanda emdlalweni wokuhlungela imidlalo yendebe yomhlaba ezoba ngonyaka Ka 2026.
uBross ukhale ngenkundla ebingekho ezingeni lokuthi kudlalwe imidlalo ebaluleke njengeyokuhlungela indebe Yomhlaba. IBafana Bafana idlale lomdlalo ekundleni eyaziwa ngokuthi yiStade Huye edolobheni lase Butare khona ezweni laseRuanda. Lomqeqeshi usole abaphathi bebhola balapha ezwenikazi lase Africa ngokungabi nalo iqiniso ekutheni uma izwe linezinkinga ngezinkundla okumele kudlalelwe kuzo, akumele linikezwe igunya lokuba yinxenye yaloyomqhudelwano.
Ngokuka Bross, ezakhe zishaye udaka ngenxa yokuthi zidlale ekundleni ebingekho esimeni esifanele ukudlala amaqembu esizwe. Uphinde wakhala nangezulu ebeliyishaya elidale ukuthi inkundla igcwale amanzi kanti kwankundla leyo ayinayo indlela yesimanjemanje yokumunca amanzi uma kwenzeka izulu lina.
Ukushaywa kwe bafana izolo kubenze behlela endaweni yesibili ngama phuzu amathathu eqoqweni abakleliswe kulona njengoba sekuqhwakele yona i Rwanda ngama phuzu amane.
kanti abanye abakleliswe nabo eqoqweni baqhubekile ngo kudlala ngokulingana.
Isiyonke imiphumela yemidlalo kuGroup C imi kanje.
Lesotho 0 – 0 Benin
Zimbabwe 1 – 1 Nigeria.
South Africa 0 – 2 Ruanda
Imidlalo elandelayo ye bafana bafana kuleli qoqo iyoze ibe ngonyaka ozayo njengoba bezodlala eminye imidlalo emibili bebhekene nezimbangi zabo zakudala okuyi Nigeria, bese bevala nomakhelwane bethu okuyi Zimbabwe, eminye imidlalo eyi sthupha iyoze iyidlale ngonyaka Ka 2025,njengoba iyilishumu seyiyonke imidlalo okumele idlalwe.
Esewonke amaqembu adingekayo ezwenikazi i-Africa alishumi. Abayogcina beqhwakele kuwo wonke lamaqoqo ayisishiyagalolunye (9) bayobe sebezibekisele indawo kweyendebe yomhlaba, bese kuthi lena enye indawo yeshumi, iyolwelwa ilawo mazwe ayogcina elele isibili emaqoqweni awo.
Kuzokhumbuleka ukuthi Lendebe yomhlaba elandelayo sekwaphakanyiswa ukuthi andiswe Amazwe aba yinxenye yawo nje ngoba andisiwe esuswa ku 32 eba ngu 48.