Kubikwa ukuthi selithethiwe emajajini amakhulu icala lika Thembinkosi Lorch ongumgadli we-Orlando Pirates, kwaphuma isiqumo esingujuqu mayelane necala lakhe abekade ebhekene nalo lokuhlukumeza umuntu wesifazane ayezwana naye ogama lakhe nguFundiswa Nokuphiwa Mathithibala.
uLorch uyalelwe yinkantolo ukuthi akhokhe isamba sika R100, 000 ukuze agweme ukubhekana nokuyabhadla ejele iminyaka emihlanu, wase eyalelwa ukuba akhokhe isamba sika R50,000 lingakashoni elanamuhla njengoba kungu Lwesibili, enye uyobe eseyikhokha inyanga nenyanga okuyi samba sika R10 000. Inkantolo iphinde yamyalela ukuthi akhokhe esinye isamba esilinganiselwa ku R10 000 kwi nhlangano elwisana nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane iPeople Oposing Women Abuse(POWA).
Abalandeli baka Lorch basemukele ngezindlela ezahlukene lesi gwebo njengoba abanye bekwenze ihlaya ukuthola kwakhe lesisigwebo njengoba bebesho kugcwale umlomo ukuthi uzoyikhokha ngemali yakhe ayithole emva kokuqokwa njengomdlali ovelele emdlalweni wendebe yeCarling Black Lable bebhekene neRichards Bay FC emasontweni ambalwa endlule.
“Thina balandeli bezimnyama besimvotela hhayi ngoba edlale kahle, kodwa besizama ukumhlangabeza nje ngamasentshana ukuze akwazi ukubhekana nesimo abhekene naso”, Kusho abanye Abalandeli.
Abanye bathe makube isifundo lesi kubo bonke abantu abasaqhubeka nokuhlukumeza abantu besifazane.