Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UHULUMENI UZOTHATHA IZINYATHELO NGODABA LWAMA-SPAZA SHOP – STELLA NDABENI

Posted on 24 October 2024

Uhulumeni uthi kunohlelo lokulawula amabhizinisi amancane, njengama-spaza shop. Sekuqubuke izikhalazo zokuthi kumele kuthathwe izinyathelo eziphuthumayo kulandela ukuqubuka kwezigameko zokusolakala ukuthi kunoshevu wokudla kuleli, njengoba sekuqubuke ukukhathazeka ngezinga lemikhiqizo edayiswa yizipaza nabadayisi basemgwaqeni.

Inqwaba yabafundi eKZN, Limpopo naseMpumalanga bagule muva nje.

EGauteng kutholwe imikhondo yesibulala-zinambuzane emasampula okudla okuthengiswa ezitolo ezimbili eNaledi, lapho kushone khona izingane eziyisithupha.

UNgqongqoshe wokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amaNcane, uNkk Stella Ndabeni-Abrahams, ugxekwe amalungu ePhalamende ngesikhathi ekhuluma ngalolu daba ePhalamende ngoLwesine.

Uthi zikhona izindlela ezikhona zokulawula amabhizinisi amancane.

“Ukungenelela kwethu kudlulela ngale kokuqinisa umthetho ukuze sisekele uhulumeni, sisezinhlelweni zokwenza umgomo wokuthuthukiswa komnotho wasemalokishini nasezindaweni zasemakhaya okusakhulunywa ngawo ezweni lonke.

“Kunesidingo sokungenelela okuqinile ukuze kubhekwane nokudla osekuphelelwe yisikhathi nokungaphephile nokuqinisekisa ukuthotshelwa kwezindinganiso zebhizinisi nezempilo okuyizinto eziphuthumayo nezibucayi.”

Khona manjalo, iNational, Education, Health and Allied Workers Union e-KZN ithi abenele abahloli bezempilo abangaphenya ngezinga lokudla okudayiswa yizindawo ezidayisa izipaza nabadayisi.

“Kushoda kakhulu, kushoda kakhulu, okuzoba nomthelela omkhulu mayelana nomsebenzi ozokwenziwa,” kusho u-Ayanda Zulu wenyunyana.

Izikhulu zezempilo ziphenya ngesigameko saseMtubatuba, lapho kugule izingane ezingaphezu kuka-40 kuleli sonto okuthiwa zidle imikhiqizo ephuma emshinini wokudayisa ngaphandle kwesikole iNgaqa Primary.

Recent Posts

  • UVELE ENKANTOLO OWESILISA OGWAZE WABULALA UGOGO WAKHE ONGABONI
  • AMA-2000 KUTHIWA YIWONA AHAMBA PHAMBILI NGOKUTHENGA IMIZI KULELI
  • KUSOLWA ABE X-REPO NGOKUSIZA OWAQOLA ISALUKAZI AYEQASHE EMZINI WASO
  • KUBOSHWE ABOKUFIKA BEBANJWA NEZITHUTHUTHU ZOKWEBIWA EGOLI
  • USENKINGENI UMDLALI WEKAIZER CHIEFS OKWELETA U-SARS UR6.1 MILLION

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme