Uqhubeke ngenkulu impumelelo umcimbi wokwethulwa ngokusemthethweni kwegatsha laseMnambithi ngaphansi kwenhlangano yamakholwa angama Kristu i-ALFRED DUMA CRISTIAN COUNCIL namhlanje emini.
Lomcimbi obubanjelwe ebandleni lama-WESELI elokishini laseSteadville bekuzothulwa kuwo isiyingi sase Mnambithi nekomidi laso elihlanganisa uBishop M. Maphalala (Chairperson), Bishop E. W. Mbele (Deput Chairperson), Archibishop Dr. S. S. Maduna (General Secretary), Lady Archibishop Dr. P. Macu (Deputy Secretary), Pastor S. F. Molefe (Treasurer), Dicony Y. Sebeko (Orginiser), Archibishop M. E. Khumalo (Member), Bishop B. P. Msibi (Member) kanye no Gosa A. N. Maduna (Member)
Usihlalo walenhlangano ngokwe district okuwu-Uthukela District Councel uBishop/Moderator Buthelezi ululeke lelikomidi ngokuthi lazi ukuthi umsebenzi obahlalele awukho lula neze, ngoba bazobe bebhekene nezinkonzo ezahlukene. Kodwa kumele bangadiķibali baphele amandla, baqhubeke benze umsebenzi wokunxenxa abazalwane bamabandla ahlukene ukuthi babambane basebenzisane.
Kanti u Bishop Masondo ongusihlalo kwi Alfred Duma Christian Council uthe kumele ibandla lisukume lingenelele asezintweni ezithinta umphakathi jikelele, okubalwa kuzo ukuhambisa umkhuleko ezikoleni, ukuqwashisa umphakathi ekuqapheleni izinto abazithenga eziphaza nokunye okuningi