Bakhala ezibonwayo abantu abahamba ngezinyawo emgwaqeni u-Egerton Road edolobheni eMnambithi ngezigameko zobugebengu ezenzeka khona mihla namalanga.
Esigamekweni sakamumva owesifazane osebenzisa lomgwaqo njalo ekuseni uzithole esebanjwa inkunzi namuhla ekuseni ngezithuba zehora lesihlanu elibhekise emsebenzini. Lona wesifazane uthi ubeqeda nje ukudlula ezimpamanweni zomgwaqo uRecidency no-Egerton esezofika ngasemahhovisi akwaFidelity ngesikhathi kuqhqmuka amadoda amabili amkhomba ngemimese,
“baqhamuke lapho esikhaleni esiphakathi kwakaDokotela nesonto maqede baqonda ngqo kimina bephethe imimese. Ngithe ngizama ukubaleka ngeqa umgwaqo bangibamba bangephuca isikhwama sami semali nefoni babaleka,” kuchaza lona wesifazane.
Isisulu sithi bekunzima nokubabona ngoba bekunenkungu.
Ngaphandle kwalesi sigameko, bayanda abantu ababika ukugetshengwa kulendawo ikakhulukazi abahamba kuyo uma beya noma bebuya emsebenzini.