Amaphoyisa asethole iziqhumane ezebiwe ezibiza isizumbulu sika R4 million ethempeleni, ePhoenix.
Ithimba leMetro Police Drug Team, i-SAPS eThekwini Infrastructure Task Team kanye neCrime Intelligence babika ukuthi bebelandela umkhondo emva kokugetshengwa kwebhizinisi eCamperdown ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, lapho kwathathwa khona leziqhumane.
Amaphoyisa athi izolo ebusuku abambe iloli ebelithwele amakesi angu-560 abegcwele leziqhumane ezebiwe, sezehliswa ukuze zizodluliselwa emiphakathini lapho ebezizodayiswa khona.
Kuboshwe abasolwa abathathu kulomkhankaso obuqhutshwa ngabezobunhloli, kanti amaphoyisa asathungatha izigadla ezimbili ezantshontshwa kanye naleziqhumane kanye nabanye abasolwa ababandakanyeka kulelicala.
Well done Kzn
Yabona if uhulumeni engezuwaqaphel amandiya izophel indlemnyama, yabona lePhoenix iyingozi in the KZN as a province and the country as a whole. Think back to the looting time khumbula enzani lamandiya asePhoenix, guys open your eyes this nation is a real threat to this country. Amandiya ayingozi I’m telling you