Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UMNYANGO WEZOKUTHUTHA UKHOMBA NGENJUMBANE UPHUZO OLUDAKAYO NJENGEMBANGELA YEZINGOZI EZINYANTISAYO E-KZN

Posted on 18 October 2024

Izikhulu zezokuthutha KwaZulu-Natal zithi sekuyisikhathi sokuthi kushintshwe imiqondo mayelana notshwala nokushayela ikakhulukazi entsheni. Umnyango ubuphawula nge-video ekhombisa izinsizwa eziyisishiyagalombili zilungiselela ukuyozijuxuza ngesonto eledlule.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha, uNdabezinhle Sibiya, uthi lesi siqeshana esisabalale ezinkundleni zokuxhumana, kubonakala sengathi sithathwe emahoreni ambalwa ngaphambi kokuthi balahlekelwe izimpilo zabo kabuhlungu engozini eyenzeke eMandeni ngoLwesihlanu.

“Yize uNgqongqoshe eveze ukuthi okwamanje kugxilwe ekududuzeni umndeni othintekile kodwa kubalulekile ukuthi sithumele isixwayiso entsheni.

“Uphuzo oludakayo seluba yinkinga kakhulu ngenxa yezingozi zomgwaqo ezenzekayo. Kukhombisa ngokusobala ukuthi ngoLwesihlanu nangezimpelasonto sinentsha eningi ebandakanyeka ezingozini zomgwaqo.”

NgoLwesithathu, enye ingozi ku-N2 ishiye umuntu oyedwa eshonile.

Khonamanjalo, uSibiya uthi uNgqongqoshe wezokuThutha, uMnuz Siboniso Duma, ucele ubuholi bomnyango ukuthi bukhiphe umbiko mayelana nokulungela kweKZNA ukusebenzisa uhlelo lwama- demerit points.

“U-2025 usekude kakhulu, sifuna ukubona uhlelo lokuhlehla lungena lapha KwaZulu-Natal, ngoba kusobala ukuthi kumele kuthathwe izinyathelo ezinqala.

“Uma kutholakala ukuthi uqhubeka nokwephula imithetho yomgwaqo, uhlelo luzokuveza ukuthi nguwe onecala futhi ekugcineni uzogcina ulahlekelwe yizincwadi zokushayela,” kusho uSibiya.

Recent Posts

  • UVELE ENKANTOLO OWESILISA OGWAZE WABULALA UGOGO WAKHE ONGABONI
  • AMA-2000 KUTHIWA YIWONA AHAMBA PHAMBILI NGOKUTHENGA IMIZI KULELI
  • KUSOLWA ABE X-REPO NGOKUSIZA OWAQOLA ISALUKAZI AYEQASHE EMZINI WASO
  • KUBOSHWE ABOKUFIKA BEBANJWA NEZITHUTHUTHU ZOKWEBIWA EGOLI
  • USENKINGENI UMDLALI WEKAIZER CHIEFS OKWELETA U-SARS UR6.1 MILLION

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme