Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

KUKHONA NOWABULALA IPHOYISA KUBALISA ABABOSHELWE ISIGAMEKO SASELUSIKISIKI

Posted on 18 October 2024

Kuboshwe abantu abane mayelana nesigameko sokudubula esenzeka eLusikisiki, e-Eastern Cape, lapho kwabulawa khona abantu abangu-18 emasontweni amabili edlule. UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola umemezele ukuthi ukuboshwa kwabasolwa kwenzeke engakapheli amahora angu-24 bebikile ngabasolwa.

Abasolwa abathathu kulaba abaneminyaka engu-22, 24, no-31, baboshwe ePort Shepstone ngesikhathi kunomkhankaso wophiko lwezobunhloli wamaphoyisa e-K9 Unit and Public Order Policing. Amaphyisa alunywe indlebe yilungu lomphakathi kwaholela ekubanjweni kwabo emijondolo. Iziphathimandla zisathungatha isibhamu esisetshenziswe ekubulaweni kwabantu.

Umsolwa wesine, uSiphosoxolo Myekethe, 45, uboshwe ngaphambilini wavela enkantolo. UMyekethe, owayephume ngoshwele ngecala lokubulala iphoyisa ngo-2000, manje ubhekene namacala angu-18 okubulala nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, i-AK-47.

Amaphoyisa akholelwa ukuthi abasolwa abane bazosiza ekuxazululeni leli cala. UMasemola ubonge abantu baseNingizimu Afrika ngosizo lwabo ngokucobelelana ngolwazi, encoma ukwesekwa ngumphakathi ngokusiza amaphoyisa ekuthungatheni abasolwa. Uphinde wancoma ithimba labaphenyi ngesenzo salo esisheshayo.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme