Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

ATHENGISWA UDEDE AMAKHEKHE ATHAKWE NGENSANGU EDOLOBHNI EBERGVILLE

Posted on 17 October 2024

Ukhala ezimathonsi umphakathi owakhele idolobha iBergville ngokudayiswa kwamakhekhe athakwe ngensangu ( Space Muffin) kuleliyadolobha.

Isakhamuzi esingathandanga ukuthi sidalulwe igama laso sichazele intatheli yephephandaba ngokuthi kuleliyadolobha sekudayiswa bukhoma loluhlobo lamakhekhe okuthi ungalidla nje udunyelwe yikhanda, “lento eyenzeka edolobheni lethu impela izosibulalela abantu nabantwana manje, sehlelwa lishwa, kukhona abantu abadayisa amakhekhe anensangu manje phakathi emarenke umphakathi kawusho lutho, okubi lamakhekhe ababheki bawadayisela bani athengwa nayizingane ezincane nabazali bethu imbala badliswa lezinto,” kuchaza lesi sakhamuzi.

Lamakhekhe anomkhuba phakathi kuthiwa ayatholakala nje edolobheni abantu bawathenga ubuthaphuthaphu. Okubi ujuthi abanye bawathenga bengazi nokuthi athakwe nalesi sidakamizwa.

Intatheli ibuza ngokuthi abomthetho bathini ngaloludaba uthe akanaso isiqiniseko sokuthi bayazi ngawo kodwa kufanele ngabe bayazi kwenzekani njengoba kwenzeka edolobheni la kugcwele khona abantu futhi kwenzeka emini kabha’.

Nakuba kukhona abakhalayo kunedlanzana elithi lona kalinankinga ngokuthengiswa kwalamakhekhe ngoba liyawathanda futhi abadayisi bawo abaphoqi muntu.

Lelidolobha kuthiwa selihlaselwe idimoni elisha njengoba kuthiwa izidakamizwa sezingenisile kulona okuyinto ebingaziwa kuleliyadolobha.

Recent Posts

  • UVELE ENKANTOLO OWESILISA OGWAZE WABULALA UGOGO WAKHE ONGABONI
  • AMA-2000 KUTHIWA YIWONA AHAMBA PHAMBILI NGOKUTHENGA IMIZI KULELI
  • KUSOLWA ABE X-REPO NGOKUSIZA OWAQOLA ISALUKAZI AYEQASHE EMZINI WASO
  • KUBOSHWE ABOKUFIKA BEBANJWA NEZITHUTHUTHU ZOKWEBIWA EGOLI
  • USENKINGENI UMDLALI WEKAIZER CHIEFS OKWELETA U-SARS UR6.1 MILLION

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme