KUBOSHWE abantu abane ngemuva kokushaqwa kwezimpahla zomkokotelo ezingabiza u-R15 million enkabeni yeTheku. Amaphoyisa agasele ezitolo eziningi kuDr Pixley kaSeme Street ePhoyinti ngoLwesine.
Okhulumela amaphoyisa e-KZN, uRobert Netshiunda, uthe kuyingxenye yomkhankaso oqhubekayo.
“Amaphoyisa athole izincwadi ezigunyaza ukusesha izitolo eziningi ezihlaselwe ngoLwesine, nokuholele ekuthathweni kwezimpahla zomkokotelo, amawashi nezinye izinto ezinkulu.
“Sekuboshwe abasolwa okungenani abane kulo mkhankaso osaqhubeka. Bonke abasolwa bangabokufika kanti ubungakaqinisekiswa ngesimo sabo kuleli. Uma selucubunguliwe, abasolwa bazoyiswa enkantolo.”