OwayenguMvikeli woMphakathi uBusisiwe Mkhwebane useshiyile i-EFF. Ubuye wesula njengelungu lePhalamende.
Encwadini ayibhalele iqembu, uthi uzoyishiya ipolitiki ayochitha isikhathi esiningi nomndeni wakhe.
UMkhwebane ujoyine iRed Berets ngonyaka odlule ngemuva kokuxoshwa kwakhe yiPhalamende.
Isinqumo sakhe sokushiya kwezombusazwe siza ngemuva kwezinsuku iNkantolo eNkulu yasePitoli, ikhiphe isinqumo sokuthi akanalungelo lokuhlomula umhlomulo ka-R10 million wempesheni yangesikhathi enguMvikeli woMphakathi.
Ekhuluma ngesinqumo sakhe kuhlelo lukaSizwe Mpofu-Walsh, uMkhwebane uveze ukuthi usethole ukunxenxwa okukhulu okuvela kwamanye amaqembu.
“Ngizobona ngoba umuntu kumele adle futhi unezikweletu. Mina nginezingane, kodwa bengingathanda ukugxila ekusizeni abantu, ikakhulukazi ochwepheshe abaMnyama abahlukunyezwayo.”