Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

KUTHUNGATHWA UMLISA OGWAZE WABULALA AMALUNGU OMNDENI WAKHE ANGU-5 EBHETHANI EBERGVILLE.

Posted on 13 October 2024

Amaphoyisa aseBergville aphansi phezulu athungatha umlisa okuthiwa ugwaze wabulala amalungu omndeni wakhe amahlanu ewasola ngokuthi ayamthakatha.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke izolo kusihlwa endaweni yaseBhethani kulo lelidolobha. Ngokusho kwabazibonele ngawabo bathi lomlisa uvuke indlobane wasola wonke amalungu omndeni wakhe ngokuthi ayamthakatha, kuthiwa ube esedonsa isihelehele sombese wagijimisa wonke umuntu egcekeni. Lensizwa kuthiwa iqale ngengane enonyaka owodwa izelwe ayigwaze esiswini ilele wayibulala.

Ayigcinagna lapho kodwa ilandele ngomunye umtwana oneminyaka engu – 3 okuthiwa umgwaze ephindelela ekhanda waze washona. Ube eselandelisa ngomalume wakhe naye amgwaze amanxeba amaningi emzimbeni waphelela khona lapho. Abanye abesifazane ababili abashonile nabo ngenxa yokugwazwa yiyo lendoda kube ngumshana wayo oneminyaka engu-20 ubudala kanye nodadewabo kanina.

Lensizwa ayigcinanga lapho kodwa ibuye yagwaza unina oyizalayo okuthiwa uphuthunyiswe esibhedlela usesimeni esibi.

Ikhansela lendawo UMunumzane Tiza khoza usiqinisekisile lesi sigameko wathi uthintwe ngelinye ilungu lomndeni lamtshela ukuthi nangu umfowabo ebabulala. UKhoza uthi uphuthume endaweni yesigameko nathe efika wafika selidume ledlula namalungu amahlanu omndeni. IKhansela libe seliphuthumisa laba ababili abebesaphila esibhedlela.

Kuvulwe icala lokubulala emaphoyiseni aseBergville kanti lomlisa usagcwele amathafa.

1 thought on “KUTHUNGATHWA UMLISA OGWAZE WABULALA AMALUNGU OMNDENI WAKHE ANGU-5 EBHETHANI EBERGVILLE.”

  1. nonhlanhla khumalo says:
    13 October 2024 at 5:17 pm

    Isihluku esingaka kodwa waze waba nosathana nenhliziyo embi sewayaphi unemveza kubantu ibhayibhale lasho lathi niyodlana kodwa niqaphele ningaqedani ngathi siyaqedana manje

Comments are closed.

Recent Posts

  • USARS UZOFAKA ENDALINI IZIMOTO ZIKAMAMKHIZE EZINGU-13
  • ULEDLULISELA PHAMBILI ICALA OGWETSHELWE UKUNYAMALALA KWENGANE YAKHE
  • UVELE ENKANTOLO OWESILISA OGWAZE WABULALA UGOGO WAKHE ONGABONI
  • AMA-2000 KUTHIWA YIWONA AHAMBA PHAMBILI NGOKUTHENGA IMIZI KULELI
  • KUSOLWA ABE X-REPO NGOKUSIZA OWAQOLA ISALUKAZI AYEQASHE EMZINI WASO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme