Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

BAGILWE ABAHLELI BOMCIMBI MBUMBULU ABATHANDI BOBUMNAMDI EMNAMBITHI

Posted on 8 October 2024

Bawotha ubomvu abathandi bobumnandi baseMnambithi nasezindaweni ezakhelene nawo ngaakubiza ngokuqolwa kwabo izimali zabo ngabahleli bomcimbi wabantu abadala obekuthiwa uzoba kulendawo.

Bajikiswe ngonogada endaweni yokuncebeleka eyaziwa ngokuthi yiTrenchgula Lodge esendaweni yakwaManzini eseduzane nedolobha laseMnambithi, nobekuyindawo ebekuthiwa lomcimbi uzobanjelwa kuyo ngoMgqibelo wangomhlaka 5 kuMfumfu. Lomcimbi obuwaziwa ngokuthi yiLadysmith Udult Picnic Event ubuhlelelwe abantu abadala kodwa abasahalela ukuba ngabantwana ukuthi bazozijabulisa ngemidlalo eyaziwa ngokuthi ngethandwa kakhulu ngojahidada. kulomcimbi bekuzoba nemidlalo efana noJumping Castle, Trampoline, Water Slides, Egg Racing kanye neminye eminingi.

Amathikithi alomcimbi abebiza R130 lilinye kanti nemvume yokungena neziphuzo zakho ibikhona ngenani elithile.

Ekhuluma nomsakazo wa-online iNqubeko FM uMnikazi walendawo uMnumzane Zungu uthe akakaze ezwe nakanye ngalomcimbi kodwa bamangale nje sekufika abantu ngoMgqibelo bethi beze emcimbini.

Iningi labantu abathenge lamathikithi bathi ubumakethwa kakhulu enkundleni yokuxhumana uFacebook kusuka kuqala lonyaka, “mina ngabona kufacebook ekhasini leLadies House ukuthi kuza into enje, ngase ngithenga amathikithi amabili, okungelami kanye nelomuntu wami ukuze sizozithokozisa. Simangale uma siqhamukela eTrenchgula sibona kukhala ibhungane nje kanti sesidliwe, “kuchaza enye intokazi ekhulume naleli phephandaba. Lentokazi iqhuba ithi intokazi ezibiza ngelika “Okuhle Fest” iyona ebihlale ikhangisa ngalomcimbi, “manje akasaphenduli imiyalezo yethu kuFacebook, uyafunda nje maqede azithulele.”

Akukacaci noma ukhona yini osevule icala ngalelsi sigameko.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme