Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

AMAZULU AVULISWE NGENDUKU EMDLALWENI WAWO WOKUQALA WEBETWAY

Posted on 15 September 2024

AmaZulu FC aqale ngegiya esiphansi kuBetway Premiership ngesizini ka-2024/2025, eshaywa yiPolokwane City ngo-2-1 e-Old Peter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ebusuku. Usuthu lulahlekelwe ngamaphuzu amathathu njengoba iPolokwane City iphumelele umdlalo ngomzuzu wokugcina.

AmaZulu yiwo abone ipali kuqala ngesiwombe sokuqala, lapho umgadli wabo omusha, u-Etiosa Ighodaro, engqofele phakathi ibhola eliphaselwe nguRiaan Hanamub ngomzuzu ka-30. Bekuyigoli elibalulekile lika-Ighodaro, osetholwe yiqembu ebolekiswe yiMamelodi Sundowns. Lo mgadli uhlonzwe njengomunye oyisethenjwa ngokuqhakambisa leli qembu kulo nyaka.

Noma AmaZulu eqale kahle futhi ekhombisa amandla okuphumelela umdlalo, iPolokwane City ibuye ngamandla yalinganisa ngaphambi kokuphela kwesigaba sokuqala. Ngomzuzu ka-45, uBuleleni Nikani wePolokwane City ushayeigoli ngekhanda ebholeni elilandelwe yi-free kick kaCole Alexander, alizwe ngendaba uMothwa. Lokhu kufake umfutho eqenjini lasePolokwane futhi kunikeze AmaZulu umsebenzi onzima wokuthola amaphuzu kulesi sigaba.

Ngesiwombe sesibili, AmaZulu aqhubekile nokuhlupha ezitobheni zePolokwane City. Umdlalo ubulokhu undikindiki, omabili amaqembu ebezama ukulawula isimo kodwa iPolokwane City ikhombisa ukuhlasela ngendlela ephumelelayo.

Ngomzuzu wokugcina womdlalo, iphutha elenziwe nguVeli Mothwa, obengukaputeni, lihlabe Usuthu enhliziyweni. Uhlulekile ukubamba ibhola eligoqiwe nguPuleng Marema, elidlale phezu konyawo lukaThabang Matuludi, washaya igoli lokunqoba.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme