Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

USHONE KUSELE IVIKI IPHELE INDLU ABEYAKHELWA YIKHANSELA OKHUBAZEKILE WASE-STANFORD

Posted on 11 September 2024

Akazange esakwazi nokulala kuyo kanye nje owesifazane wasendaweni yaseStanford eMnambithi endlini abeyakhelwa yikhansela lendawo obehlala ngaphansi kwezimo ezingezinhle.

Lidumele ikhansela lakuward 34 ngaphansi kukamaspala i-Alfred Duma emva kokuthola izindaba zokudlula emhlabeni kwalona wesifazane. Ukhansela Mzuzwana Nkanyezi Magasela, uthi udumale kabi ethola ucingo olumbikela ukuthi lona wesifazane akasekho emhlabeni, “sengidumale kakhulu nje ekuseni mfwethu ngithola ucingo oluthi udadewethu lo akasekho emhlabeni. Siqale lendlu yakhe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule emva kokuthola ukuthi yena nezingane zakubo bahlala ngaphansi kwezimo ezingafanele ukuthi zingahlala abantu. Ngibe sengizama ke nami ngafaka isandla ephaketheni ngabona ukuthi kuphumani. Besithi sizoyivula ngokusemthethweni nje indlu yakhe kuleliviki elizoqala kodwa nakhu ke manje sekuvele izindaba ezibuhlungu,” kuchaza uMagasela.

Lona wesifazane kuthiwa ubengumuntu ongaphilile kahle ekhanda, kanti ubehlala nomunye udadewabo naye obephila nokukhubazeka kokungakwazi ukukhuluma.

Ngokusho kweKhansela lona wesimame ubeyedwa ngesikhathi edlula emhlabeni ngoba utholwe omakhi ekuseni bethi bazoqala ukusebenza njengenjwayelo. Kuthiwa udadewabo lona omunye ubengekho vele wathathwa ngumfowabo wamvakashisa lapho ehlala khona. Labo makhi bathe bengena bafike bamemeza lona wesifazane njengoba behlale benza kodwa kwakngaphendula muntu. Babe sebenquma ukuthi bangene babheke ukuthi ngabe ukhona yini ngaphakathi nokuyilapho bezithele phezu kwesidumbu sakhe.

Akukaqondakali noma sikhona yini isandla sesithathu ekufeni kwakhe kodwa namaphoyisa ebesefikile endaweni yesigameko.

UMagasela uthi kungenzeka kuqhubeke ukuvulwa kwendlu yakhe kodwa angeke kusafane noma ebekhona.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme