Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UTHE VUMBU KWEZIMNYAMA FUTHI UMPONTSHANE

Posted on 23 August 2024

Loyo obengunozinti wezimnyama odedelwe ngo kuphela kwe season eyendlule Siyabonga Mpontshane, uphinde wabonakala esethi nje vumbu kuzo futhi ezimnyama izolo (Ngolwesine) eziqeqesha Kanye nalo iqembu.

Umbuzo omkhulu uthi iliphi iqhaza azolidlala njengamanje

Lonozinti oneminyaka 38 ubudala ubesehlale iminyaka eyisishiyangalolunye (9) kuleliqembu njengoba afika ngo 2015 esuka kwi Platinum Stars nalapho ayisiza khona ukuthi inqobe izicoco ezimbili nalo lelo qembu lakhe lakudala beshaya yona Pirates kabili kulandelalane yilapho eyamthatha khona pirates.

Kuyi manje lonozinti ubengakaze alithole iqembu elimdingayo selokhu ededeliwe, futhi mancane kakhulu amathuba okuthi alithole elinye iqembu ngisho eligijima ku Motsepe ngenxa yemi nyaka yakhe.

Lonozinti ukuthole kunzima ukuthi awine izinhliziyo zabaqeqeshi Kanye nabalandeli kuleminyaka ayichithile ekhona njengoba edlale imidlalo engu 88 wakwazi ukuthi emidlalweni engu 34 engangenelwa magoli.

Umbuzo umileke uthi ingabe uzokwenza muphi umsebenzi njengoba pirates inonozinti abane Sipho Chaine, Melusi Buthelezi, Ethan Visagie Kanye no Siyabonga Dladla.

Omanala ngikuxoxele bamumatanisa nomsebenzi wokulekelela (Tyron Damons) njengo mqeqeshi wonozinti.

Uzokhumbulake ukuthi ezimnyama ziyadlala namuhla ntambama 19:30 kwe sika maminzela isigodi(Orlando Stadium) Kanye ne CNaPS Sport yase Madagascar Kumdlalo we caf champion league njengoba bezodlala umlenze wesibili, uzokhumbula ukuthi zishayane zaze zabukana kumlenze wokuqala 0-0 kungekho evuma ukugoba uphondo.

Ngemva kwalo mdlalo ezimnyama zizothi ukushintsha umoya zilibhekise ekapa ngesonto elizayo ngo Lwesibili 27/08 ziyobhekana ne CP Town City kowe MTN 8 okuyobe kuwumlenze wokuqala loyo.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme