Usengcupheni umendo womama wengane womculi kaMaskandi uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele.
Lokhu kulandela ukuthi umkhwenyana wakhe wezinkomo owaziwa ngoMsoco ebambe izithombe zalowesifazane enqunu abezithumela uMthandeni yize sebahlukana.
Kubikwa ukuthi UMama kaMpumpu okungumama wengane kaMthandeni usekhonjwe indlela ngumyeni wakhe uMsoco wafuna kubuye nezinkomo zakhe.
Ngaphambilini kuputshuke inkulumo eqoshiwe okusolakala ukuthi yaqoshwa ngumama kaMpumpu ethi uma esafuna ukubuyela kuMthandeni angakwenza lokho ngenkulu impumelelo.
“Mhla engishiya uMthandeni mhlawumbe wayecabanga ukuthi ngeke ngimthole umuntu ozongithanda. Ngiyazi akwehlanganga kahle kuyena lokho. Mina uma ngithanda ukubuyela kuyena ngingakwenza wukuthi nje sengiganile,” phakathi kwamazwi azwakala kwiVN.
Abantu abaningi sebesovalweni lokuthatha omama bezingane ngoba sebekholelwa wukuthi uma abantu benengane aabahlukani.
Ayikho leyongane sonke siganile singomama bezingane zabantu okusho khona ukut ucc ubesayithanda indoda yakhe noma ubengamthandi umnyen wezinkomo may be unesizathu kuphel thina asazikwenzakaleni empeleni
lonyaka silokhu sbabaze njalo sale usubuya nkos