Amaphoyisa aseFicksburg, esebenzisana nabakwaSARS, ashaqe ugwayi ongekho emthethweni abopha umsolwa oyedwa.
Ngobusuku bangomhla zingama-25 kuNtulikazi wezi-2024, amalungu e-SAPS aseFicksburg athola ulwazi oluholwa ezobunhloli mayelana nokulethwa kukagwayi ongekho emthethweni owawuzoqhutshelwa kulelidolobha elisemngceleni wakuleli.
Amaphoyisa aphendule ngokushesha kanti ngesikhathi esesha kule ndlu, kutholwe amabhokisi kagwayi angu-119 abiza imali elinganiselwa ku-R1.5 million.
Ngesikhathi amalungu ematasa, kutheleke imoto yohlobo lweBMW enezinombolo zakwamanye amazwe. Kusolakala ukuthi umshayeli wacela ukukhokhela amaphoyisa izizumbulu zemali ukuze angambophi. Umsolwa, 42, ubikelwe ngesenzo sakhe esingekho emthethweni wabe eseboshwa khona lapho ngenkohlakalo. Kuphinde kwathathwa nemali eyisamba esingadalulwanga.
Abathintekayo bangaphandle, abanjengo-SARS, babizwe ukuze kuqhutshekwe nophenyo. Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseFicksburg kanti ugqunywe esitokisini umhla lu-1 Agasti 2024 ukuze afake isicelo sebheyili. Uphenyo luyaqhubeka.
UKhomishana wamaPhoyisa eFree State, u-Lieutenant General Baile Motswenyane, uwashayele ihlombe la malungu amabili ngokugcina ubizo lwawo nokungangeni ezilingweni. “Lokhu kufakazele ukuthi asinaso isikhala senkohlakalo kulo mbutho, isenzo sithathwa njengesikhulu futhi umsolwa uzobhekana nengalo yomthetho,” kusho uLt General Motswenyane.