UMDLALI omusha weMamelodi Sundowns, uKobamelo Kodisang, uthembise ukwenza konke okusemandleni ukusiza iqembu ukuze liphumelele.
U-Kodisang ubuyele kuPremier Soccer League (PSL) ngemuva kweminyaka ecishe ibe yisithupha ehlala ePortugal, lapho ebenoMoreirense, ngemuva kokusayina inkontileka yeminyaka emihlanu.
Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala uza nolwazi oluningi aluthole ngesikhathi edlala ePortugal futhi unethuba lokungena eqenjini elizoqala umdlalo.
Ekhuluma neSundowns kuPitchside Podcast, uKodisang uthe ujabule ngokujoyina aMasandawana futhi ukholwa ukuthi indlela yabo yokudlala izomfanela.
“Ngithathe isinqumo ne-ejenti yami saphetha ngokuthi yilapho okufanele ngibe khona,” usho kanje.
“Ngikwazile ukubuka ibhola futhi ngiyasithanda isitayela sokudlala. ISundowns iyiqembu elikhulu neqembu engangifuna ukulidlalela lapha ekhaya. Ngifuna ukunika ikilabhu konke okusemandleni ami futhi ngibone ukuthi ingiangibekaphi.”
Lo mdlali wasesiswini owavalela phakathi amagoli angu-14 ngesikhathi edlala kuMoreirense uphinde waveza ukuthi ukhululekile ukudlala njengomdlali wasemuva noma unombolo-10.
“Ngingathi ngingumdlali wasesiswini, kwesinye isikhathi unombolo-10 ngoba ngisakhula ngangingumdlali wasesiswini,” usho kanje.
“Ngakho-ke, bengidlala unombolo-10 noma unombolo-8 ngaze ngadlala eqenjini lokuqala [eselingasekho iPlatinum Stars]. Ngemva kokujoyina iqembu lokuqala, umqeqeshi waba nomuzwa wokuthi ngimncane kakhulu. Ucabange ukuthi kufanele ngihambe [ngidlale] ezinhlangothini ngoba kunesikhala esincane phakathi.
“Ngakho-ke, bengingunombolo 10 naye obekhululekile ebholeni.”
U-Kodisang naye wabelane ngolwazi lwakhe lwase-Europe kanti manje usebheke ngabomvu inselelo entsha kuPSL.
“Kuhlukile lolo hlangothi ngoba ngisho indlela yokudlala ekhaya nakuleliya Portugal ihlukile. Ngalolo hlangothi, ibhola lihamba kakhulu, kodwa ngaphandle, isiko nakho konke kunzima. Ngisho nokudla kunambitheka ngendlela ehlukile.”
U-Kodisang ubesevele eyidlalele iSundowns ohambweni lwayo lwangaphambi kwesizini e-Austria ngesikhathi ihlulwa yiDynamo Kyiv ngo 0-1 ngesonto eledlule.