Seliphinde laqokelwa komunye umncintiswano wezindondo omkhulu emhlabeni iqembu lesicathamiya lakuleli elidume umhlaba wonke iLadysmith Black Mambazo.
Amambazo amnyama aqokelwe kowama Oscar Awards angonyaka ozayo agxile kakhulu kwezamafilimu emhlabeni wonke jikelele. Leli qembu elinama Grammy Awards amahlanu, liqokelwe kulama-awards ngefilimu ekhuluma ngempilo yomsunguli waleli qembu UJoseph Mshengu Shabalala esihloko sithi Music Is My Life ephume kuwo lonyaka.
Ezika Mshengu ziqokwe emkhakheni owaziwa ngokuthi iInternational Feature Film Award ehlanganisa amafilimu ehlukehlukene amazwe ngamazwe.
Izwe kanye nosuku azobanjelwa khona lama-Awards kusazomenyezelwa.