ISilo saMaZulu uMisuzulu kaZwelithini uncome iKhomishini yoKhetho ngokuqinisekisa ukuthi kunokhetho olukhululekile, olunobulungiswa noluthembekile.
Kwenzeka lokhu nje amanye amaqembu ezepolitiki okubalwa kuwo iMK Party eholwa owayenguMengameli Jacob Zuma ezwakalise ukungenami ngemiphumela yokhetho.
Amaqembu ezepolitiki aseqalile ukuxoxisana ngokubumba imifelandawonye ngoba akekho onqobile okhethweni lwalo nyaka.
UNDUNANKULU woMdabu weSilo samaZulu, uMnuz Thulasizwe Buthelezi, uthi iSilo siyawancoma wonke amaqembu epolitiki ngendlela aziphathe ngayo ngokuthula ngesikhathi somkhankaso nangelanga lokhetho.