Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

IMIBONO| BAHUBHUZA AMANGA ABANTU EZINKUNDLENI ZOKUXHUMANA

Posted on 13 October 2023

Ngethemba ukuthi sonke silubonile udaba olungundaba mlonyeni kulezi zinsuku lukadokotela mbumbulu woduma lukaTik tok osanda kubanjwa ukuthi akakaze nakanye aqeqeshelwe lomsebenzi kodwa ubelapha inqwaba yabantu abamlandelayo ezinkundleni zokuxhumana. Uma kungukuthi lukweqile loludaba khululeka wena, ngizokuzekela kafushane nje phela iData yinqwaba lapha kimi.

Loluswahla lwensizwa ethe klwi kodwa esencane eyaziwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi le yoduma lokudansa udunuse iTik Tok ogama layo nguMatthew Lani, noma ngithi u”Dr Matthew Lani” njengoba yaziwa kanjalo ezinkundleni lezi zokuxhumana nabantu ongabazi.
Lensizwa ke kuthiwa ibihubhuza amanga iqopha amavideo ayo igaxe izipopolo zodokotela ikhuluma nesilungu esiphezulu ikhihliza amagwebu ithi yona yafunda yagogoda ezifundweni zobudokotela. Umfo ka Lani lo uthi wayezidlela amahlanga nje eWits Medical School, baze bamgixabeza ngeziqu bathi miii mfana hamba usuphumelele!!
ULani ubesenenqwaba yamakhasimende ebiwadayisela amaphilisi ayo okunciphisa imikhaba le yethu nezimbejejeje khona kuTik Tok. Ibibuye imenywe ke emisakazweni emikhulu izonikeza ngezeluleko zezempilo kubalaleli kube njeya! Kuthiwa beyingaconsi phansi kubalaleli emisakazweni ngoba kuthiwa bebeze bacele ukuthi ibuye futhi izokwenaba ngazo belu ezempilo.

Lensizwa ke ifulathelwe ngelakubo ngeledlule ngesikhathi kuvela ukuthi kungenzeka ukuthi lezi ziqu eshutha ngazo amavideo akuzona ezayo. Izamile ke ukupaquza ichaza ithi yona ibizwa ngesinye isibongo kwasha kwacima kwanjeya! Kodwa ivalwe umlomo yiso kanye isikhungo semfundo ephakeme iWits ngesikhathi sikhipha isitatimende sithi igama lalomlisa alikho ngisho kuhlu lonogada lwabantu abake bavakashela lesi sikhungo phambilini. Izamile ukuqhubeka ichaze kodwa kwacaca ukuthi hhayi khona akulungi. Inhlanzi ishelwe ngamanzi ke uma nomnyango wezemfundo emabangeni aphansi kuleli nawo ukhipha esawo isitatimende ithi lensizwa ayikaze ivele nakanye kuMalusi, okusho ukuthi kwamatikuletsheni nawo awubonwa!

Bengingaqondile ke ukugeqa amagula ngalensizwa, inhloso yami isekutheni ngikuvule amehlo wena mfundi ekutheni baningi oDr Lani lapha ezinkundleni zokuxhumana. Abave benamanga abantu ezinkundleni zokuxhumana, ungafunga ukuthi kunomncintiswano wokuthi ubani osenga kakhulu ezimithiyo!
Uma ungathatha isikhathi nje ufunde loku abathi ngesilungu yiBio okuyilapho umuntu achaza khona ngaye, ungabamba ongezansi. Babodwa abafunda emanyuvesi aphesheya kwezilwandle koNgilandi nakoMelika. abanye bangabaqondisi ezinkampanini ezinkulu zezimayini o-Anglo American kodwa abakaze baze balibeke ngisho unyawo kulezi zinkampani. Into engizama ukuyichaza ukuthi lento eyenziwa uLani akusiyona into engejwayelekile kulezi zinkundla zethu esizikhonze kakhulu. Ayaqanjwa amanga kulendawo mbumbulu! Iphutha likaLani nje kube wukuthi uwaqambe ngmkhakha obucayi othinta izimpilo zabantu. Kade ngizibuza nje ukuthi engabe bangaki abantu abathatha izaluleko zakhe zezempilo, nanokuthi baphi manje? engabe bona abathenga amaphilisi ezimbejeje zagcina ziphelile yini noma kwenzakalani. Yibona abaziyo.

Ave kulula ukuba yisisulu sezigilamkhuba ezinkundleni zokuxhumana ngoba amanga yinto yakhona. Angifuni nokungena ke kweyezinyanga nezangoma esezigcwele koFacebook ezingaziwa ukuthi zathwasa kuphi, nini, kanjani. Futhi ngoba vele ngisebenzisa iData lami angivele ngingene. Kuhubhuzwa amanga nxazonke. Ekugcineni kube nezisulu. Kunzima kakhuluke ukukulandela uze ube nesiqiniseko sokuthi kungamanga yini noma kuliqiniso loku kwezinyanga nezangoma mbumbulu. Engani phela akukho nohlaka olubhekelele ukuthi ngabe ngempela othi uyinyanga uyiyo ngempela yini. Kuncono kona kulaba basentshonalanga ngoba bona bayakwazi nokuhlola ukuthi ngabe lowo mqambi manga ukhona yini emabhukwini abo. Manje lapha ebunyange kuhlolwaphi? Ume uke wazibambela isalukazi senhlwathi nje esizikhathalele, wasiphakela kabili kathathu bese usigaxa entanyeni uthwebule izithombe ezimbalwa ufake lapha ezinkundleni, uyozwa usubizwa ngokhokhovula wenyanga. Kuhubhuzwa uhubhu kabhejane.

Ngelinye ilanga impela umuntu usazoke aphuze izimbiza eziyomgijimisa kuze kuphume izindenda ngenxa yalamanga agcwele lapha emnyango. Phela thina siyashesha ukukhipha imali sithenge, inqobo nje uma ugaje isalukazi senhlathi esizikhathalele entanyeni. Asiwaqapheleni amanga. Ayahlupha wona ngoba uma esejwayelekile agcina esefana ncimishi neqiniso. mhlawumbe nalona owaqambayo engcine naye esewakholwa ukuthi ayiqiniso njengalensizwa yakwaLani nje. Qaphela ukuthi iningi lwalokhu ozokufunda noma ozokubona ezinkundleni zokuxhumana kungamanga, kuze kube uyaqinisekisa ngempela ubuqiniso bako.

Banamanga abantu bakulendawo! Kusho Mina! Pho uzongenzani ngoba ngisho ngeData lami?

NguMsuthu Zungu

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme