Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES
[player id=4301]
Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UFUNA UBULUNGISWA UYISE WENGANE EYAKLINYWA NGUNINA WAYILAHLA EMFULENI

Posted on 4 April 2024

Uyise wengane enonyaka okusolakala ukuthi ibulawe wunina, usazama ukwamukela le nhlekelele.

U-Enerst Tembe, ongowokudabuka eMozambique, osehlala eStanger, ngaphandle kweTheku, uthe ufuna kwenzeke ubulungiswa enganeni yakhe. USeluleko Tembe ononyaka kusolwa ukuthi uklinywe unina omzalayo ngoMsombuluko odlule isidumbu sakhe saphoswa ehlathini eStanger. UTembe utshele abeZiMoja ​​ukuthi ubikelwe ngesigameko unina wengane yakhe naye ongowokudabuka eMozambique. “Saqala ukuthandana sisekhaya eMozambique saza lapha sizofuna amadlelo aluhlaza, ngoJune nyakenye sahlukana wabe esephuma endlini esasihlala kuyo, kwaqala lapho izinkinga zethu, waqala wangitshela ukuthi uzoletha ingane izohlala nami ngamtshela ukuthi akukwazi ukuthi ngihlale nengane njengoba ngihlezi ngisendleleni ngiwumakhi ngimncenge ukuthi ahambise umntwana emumva eMozambique ,” kuchaza uTembe

Kunezwi eliqoshiwe lapho unina wengane echazela uTembe ukuthi ubulale kanjani ingane yabo. “Angazi ukuthi nami ngingenelwe yini. Ngiyavuma ingane ngiyibulale ngokuyiklinya yaze yashone. Kubuhlungu angazi ngizophila kanjani ngaphandle kwengane yami. Ngiyakucela ngixolele angikaze ngiqonde ukumbulala,” esho ekhala.

UTembe uthe ulinde ukuzwa emaphoyiseni mayelana nokuboshwa kwalo mama . Uphinde wathi umama wamtshela ukuthi wabalekela eMozambique ngemuva kwezinsolo zokubulala usana ngoMsombuluko. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sigameko. “Amaphoyisa aKwaDukuza avule icala lokubulala ngemuva kokutholwa kwesidumbu sengane yentombazane, okukholakala ukuthi yayinezinyanga ezilinganiselwa kweziyishumi nambili izelwe, eNjekene River endaweni yaseThembeni ngomhlaka-25 Mashi 2024. Kusolakala ukuthi ingane yaklinywa yashona ngaphambi kokuthi ilahlwe. emfuleni amaphoyisa athungatha unina wengane ongasiza ophenyweni,” usho kanje.

Recent Posts

  • WAYEVELE ENGUVILA VOCO UFLOYD NANGESIKHATHI ESEKU-EFF – MGCINI TSHWAKU
  • UGWETSHWE UDILIKAJELE UMLISA WASEZAKHENI OWABULALA INGANE YAKHE(6)
  • KUBOSHWE UMNIKAZI WENKAMPANI E-KZN EQHASHE ABOKUFIKA ABANGENAZO IZINCWADI EZIFANELE
  • UKHIHLE ISILILO PHAMBI KWASESITESHINI SAMAPHOYISA UMAMA KASIYABONGA OWANYAMALALA EZANDLENI ZAMAPHOYISA ASEMNAMBITHI
  • KUBOSHWE ABAFUNDI ABABILI NGEZINSOLO ZOKUBULALA OMUNYE UMFUNDI

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

UTHUKELA  FMUTHUKELA FM
Listen on myTuner radio!
    ©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme