Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

IMIBONO | SIVUMELANI ABELUNGU BASIDLISE USHEVU

Posted on 6 October 2023

Ukuvukelwa kwemibuso emazweni amaningi asentshonalanga naphkaphakathi nezwekaza i-Afrika kumele kube yisibani esikhanyisela wonke amazwe ase-Afrika ukuthi akuyona yonke into esifundiswa yona yaseNtshonalanga okufanele siyifunde. Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, iBurkina Faso, iGuinea, iSudan kanye neMali babe nokuvukelwa kombuso wentando yeningi yimibutho yezokuvikela kulamazwe. Iningi lalamazwe akubeka kucace ukuthi akhathele wumbuso wentando yeningi abayidayiselwa amazwe asentshonalanga. Bathi sebefuna ukuziphathela bona ngendlela ethandwa yibo. lokhu kungenze ngahlala phansi ngajula ngemicabango. kungakanani esikuthatha njengempucuzeko kodwa okungahambisani nathi njengama-Afrika?

Amazwe asentshonalanga anakho ukucabanga ukuthi thina asihlakaniphile, ngakho ke kumele sithathe noma yini bona abasinika yona. Ngikhuluma nje amazwe ambalwa angasebenzisi intando yeningi ukubusa emazweni awo ayanswinywa, avalelwe ngaphandle. Awakwazi nokweboleka izimali kwizinhlangano lezi ezibolekisa ngemali emhlabeni okwenza iminotho yawo ibe ntekekenteke. Ngikhuluma nawe nje lamazwe engiwabale ngenhla asetshelwe emehlweni yiziqhwaga ezifana noMelika noFrance ukuthi njengoba esethathe lesi sinqumo sokukhahlela idemokhrasi nje, asezozibona ukuthi azoba umtshingo ubethwa ngubani.

Insizwa enguMmelikana eyayilwa nengcindezelo yabantu abamnyama uMalcolm X wake washo ngesilungu wathi, “Only a Fool Would Let His Enemy Teach His Children” okusho ukuthi yisithutha kuphela esingavumela isitha saso sifundise izingane zaso.
Isingaphezu kwamakhulu amathathu i-Afrika yemukela abamhlophe emazweni awo. kuso sonke lesi sikhathi abamhlophe sebesikhombise kaningana ukuthi ababona abangani bethu, futhi abanayo nencane indaba nathi. Kunalokho bafuna ukusixova sigcine sizikhohlwa ukuthi singobani. Kuningi kakhulu engingakubala lapha okuwubufakazi balokhu engikushoyo, kodwa ngizokha phezulu nje ngoba nakhu iData lincane.

Ekufikeni kwabo nje bakubeka kwacaca ukuthi ezethu izinkolo ziwubuqaba futhi ezabantu abangahlakaniphile. Basho nokusho ukuthi asiziyeke bese silandela lezi abasinika zona bona ngoba bona, bahlakaniphile thina siyizithutha. Yingakho nje namhlanje abanye bethu uma ukhuluma ngabaphansi bezokutshela emehlweni ukuthi ungabatsheli ngamadimoni bona banoJesu wabo. Yibo njalo belu abelungu abasifundise lokhu. Abagcinanga ke lapho, bangena bagxila ekutheni sishintshe amagama ethu. Ngikhuluma nje wena ofunda la kungenzeka ukuthi unegama lesilungu ongalazi nokuthi lichaza ukuthini, kodwa elakho. Ngiyakhumbula isalukazi esingizalayo singixoxela ukuthi kwakuyimpoqo ngezikhathi zabo ukuthi ube negama lesilungu, uthi wawuthi noma ufika uzosebenza emakhishini ungenalo leli labo, umesisi noma ubasi wayenelungelo lokukwetha yena igama alibona likufanele. Angithi leli owaliphiwa abazali bakho abaliboni, balikhwifela ngamathe. Okuyinto bonaabangeke bayenza nhlobo. Konke loku bakwenza ngoba bazi kahle kamhlophe ukuthi lisho ukuthini igama kithi thina bantu abampisholo.
Yingakho sinabazali abango Jumaima noTryphina kwabona abangazi ukuthi achaza ukuthini lamagama. Bawaphiwa omesisi nobasi. Inhloso kwakuyiyo leyo belu yokuthi sigcine sikhohlwa ukuthi sasikade singobani. Konke loku abelungu bebesikhombisa ukuthi ababona abangani bethu, kodwa thina lutho ukubona.

Abagcinanga ke lapho, bathola ukuthi kunomnotho omkhulu esawuphiwa wuMvelinqangi emhlabathini wethu. kungaba yizitshalo noma yigolide, yidayimane njalo njalo. Banquma bebodwa ukuthi thina akusifanele konke loku kepha kufanele bona ngoba bona bahlakaniphile thina siyizidumudumu nje ezathunywa ugwayi zabuya nempuqumpuqu yeboza. Ubugovu bavuka bama ngezinyawo benza konke okusemandleni ukuthi singabi yinxenye yabahlomula ngalomcebo kodwa kube yibona kuphela abakhukhumalayo babe yizimpunyela ngomcebo oNgaphezulu ayewubekele thina sizwe esimpisholo. Yingakho namhlanje uma sikhuluma ngamaplazi nomhlaba, sikhomba bona kuphela. Ngokufanayo uma sikhuluma ngezimbiwa phansi yibo futhi. Ngisho namagama ezinkampani abazisebenzisayo ukusiqola zikubeka kucace ukuthi thina abampisholo asingeni ndawo kulomnotho, isibonelo nje, o-Anglo-American basebenza khona la e-Afrika kodwa thina asibalwa ngisho egameni.

Koze kube nini thina lamazwe esifunza ushevu nathi siwugwinye engathi asazi ukuthi ushevu noma sesazi? Mina ngiyabaxolela obaba mkhulu abenza amaphutha bavumela abelungu bangena kuleli lengabadi ngoba babengazi. Thina ngoba sesiyazi nje pho siqhubekelani nokushobodela ushevu siwubona?

Lento eyenzeka emazweni asenhla ne-Afrika mina ngiyishayela ihlombe. Asiphalazeni wonke ushevu abasidlise wona labakhunkuli. Sebesiphuze inyongo. Sesibabhensele kakhulu yonke leminyaka, manje yisikhathi soshintsho, Sekuyisikhathi sokuthatha lokhu okungokwethu. Futhi asikweleti muntu incazelo, okukakhesari kukhesari isikhathi sifikile.

Uzongenzani ke ngoba ngisho ngeData Lami!

NguMsuthu Zungu

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme