Kushone abantu ababili kwathi abangu-17 balimala ngesikhathi kushayisana izimoto eMgungundlovu KwaZulu-Natal ngoLwesine ebusuku.
Ngokusho kwabe-ALS Paramedics, lesi sigameko senzeke ngabo-9.30 ebusuku ngoLwesine,
“Abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS boMgungundlovu bathunyelwe engozini yemoto eyenzeke ku-N3 obheke enyakatho eduze kwaseChurch Street Bridge eMgungundlovu,” kusho okhulumela i-ALS uGarrith Jamieson.
Uqhube wathi ngesikhathi befika abezimo eziphuthumayo bahlangabezane nembibizane njengoba amaveni amabili eshayisane mahlanze okuholele ekutheni zombili lezi zimoto zigingqike.
“Iziguli zitholwe zidindilize kuthelawayeka. Kukholakala ukuthi lezi zimoto bezinabagibeli ngemuva ezimotweni ezikhishwe ngesikhathi kwenzeka ingozi,” kusho uJamieson.
Uqhube wathi abantu abangu-17 balashelwe endaweni yesigameko ngenxa yokulimala okusukela kokuphakathi kuya kokubucayi ngaphambi kokuphuthunyiswa ngama-ambulensi ehlukene ezibhedlela ezahlukene zaseMgungundlovu.