Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

KUBE IMPELASONTO YOBUMNANDI, YIZIMPAMA NEZINGOZI EMNAMBITHI

Posted on 2 October 2023

Lempelasonto esiphuma kuyo ibe nezigameko ezehlukahlukene edolobheni eMnambithi. Imicimbi ebithe chithi saka kulendawo ibihlanganisa ifestivali enkulu kamskandi yaminyaka yonke eyaziwa ngokuthi yi- 150 Maskandi Festival, yidili laMahlaya ebelisendaweni yokugembula iGreat Bingo, umgubho wenkampani yamathayi ezinze kulo leli dolobha iDunlop ebihlanganisa iminyaka engamashumi amahlanu, kanye meminye eminingi.

Kubikwe ukuthi ube munye umuntu odlulile emhlabeni ngenxa yokudutshulwa. lomlisa okuthiwa ungowaseZakheni kwa-E, udutshulwe kwenye yezindawo zokucima ukoma emva kwenxabano okuthiwa isuke kweminye yalemicimbi engenhla.

Kanti kusuke esinamathmbo kwi 150 Maskandi Festival ngesikhathi kubambana ngezihluthu abaculi ababili abadumile emculweni kaMaskandi uKhuzani Mpungose kanye noQuality Biyela. Laba baculi bobabili bebeqhashelwe ukuzonandisa kulomcimbi. kusuke esinamathambo lapho laba ababili bejijibezana endaweni ebibekelwe ukuhlala izicukuthwane, nokugcine ngokuthi uMpungose adedele ulabhabha wempama kuBiyela nodiyazele waze wayovunjwa yizinsimbi ebezibiyele lendawo. akukacaci noma likhona yini icala elivuliwe mayelana naloludaba.

Kwesinye isigameko esenzeke kuyona lempelasonto, kudlule umuntu oyedwa engozini yemoto ngesikhathi kutholana phezulu izimoto ezincane ezimbili emgwaqeni uMashisoni eMnambithi phambi kwasesiteshini samaphoyisa. kulesi sigameko kubikwa ukuthi kudlule umuntu oyedwa, kanti abanye bathola ukulimala okungatheni.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme