Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UMKHONTO WESIZWE UMISE AMALUNGU ABEZAMA UKUSUNGULA UPHIKO LWABAFUNDI LWE-MK

Posted on 14 February 2024

Uphiko lwentsha yoMkhonto Wesizwe (MKYL) lumise amalungu alo amabili abefuna ukusungula uphiko lwabafundi kuleli qembu. Izindaba zokumiswa kwabo zimenyezelwe nguNobhala-Jikelele wesikhashana weMKYL, uMinenhle Cibane, izolo.

Amalungu amisiwe uMnqobi Msezane noThamsanqa Khuzwayo. “I-MKYL ithathe isinqumo sokumisa ubulungu bamalungu amabili e-MKYL esifundazweni saKwaZulu-Natali. I-MKYL ifisa ukwazisa izinhlaka zayo kanye nabantu base-KZN ukuthi isibumise kafushane ubulungu bamalungu amabili abebambe iqhaza emizamweni yokusungula uhlaka lwabafundi ngaphandle kokugunyazwa yi-MKLY ne-MK Party,” kusho uCibane esitatimendeni.

Uphinde wagcizelela kuwo wonke amalungu abo ukuthi iMKYL yilona lodwa uhlaka olusemthethweni oluzongenela ukhetho lwe-SRC ezikhungweni zemfundo ephakeme.

UCibane uqhube wathi i-MKYL ayinawo uMbutho Wabafundi we-MK. “Amalungu amisiwe awavunyelwe ukubiza noma ukuhambela imihlangano ye-MKYL, awavunyelwe ukubiza noma ukubiza umhlangano nanoma yiluphi uhlaka lwe-MKYL nanoma yiziphi ezinye izinhlaka ze-MKYL. Awavunyelwe ukuya kunoma iyiphi i-MKYL futhi awavunyelwe ukusebenzisa isithombe sikaMengameli Jacob Zuma sokugqugquzela umbutho wabafundi boMkhonto. Lamalungu amabili okukhulunywa ngawo uMsezane noKhuzwayo banikezwe amahora angu-48 ukuthi baphendule ehhovisi likaNobhala-Jikelele we-MKYL ngokubhala basho ukuthi kungani kungamele baxoshwe.Ukwehluleka ukulandela imibandela kwemigomo yokumiswa kwabo kuzoholela ekutheni baxoshwe ngokushesha,” kusho isitatimende.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme