Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

KUNUKE INSIZI EMNAMBITHI IZIMOTO ZIKLWEBHA ITHAYI UDEDE KUMASHISONI

Posted on 30 September 2023

Kume nse ukuhamba kwezimoto emgwaqeni omkhulu uMashisoni edolobheni Emnambithi ngesikhathi kunombukiso wezimoto ezishaya isdudla namhlanje.

Lombukiso obusenkabeni yedolobha, ubuhlelwe yinkampani ekhiqiza amathayi ezinze kulona lelidolobha iSummitomo Rubber. lenkampani, ebeyaziwa ngokuthi yiDunlop phambilini ingakashintshi igama, ihlele lomcimbi ukuze ibungaze iminyaka engamashumi amahlanu yaqala ukusebenza kuleli dolobha. Bezisina zidedelana izimoto nezithuthuthu zishaya isidudla zibuye zigile imigilingwane emangaze izinkumbi zabantu ebezithamele lomcimbi.

Abashayeli bezimoto abavela emazweni ahlukahlukene afana no-Italy, Germany kanye namanye amazwe ase-Europe, bashiyelane inkundla besina bededelana ngokuklwebha amathayi. kulomgwaqo. umphakathi nawo ubunikezwa ithuba lokuba yinxenye yalokhu ngokugitshezwa kuzo izimoto lezi ngesikhathi zigila lemikhuba.

Lowo oyisikhulu esiphezulu kulenkampani uMnumzane Lubin Ozoux uthi umangele futhi ujabule ngendlela abantu baseMnambithi abawujabulele ngayo lombukiso. “Ngifike ngezithuba zehora lesishiyagalombili lapha edolobheni, umdlalo lo uqale ngehora lesishiyagalolunye, kodwa ngifike mina kuvele sekugcwele izinkumbi zabantu belindele ukuthi umbukiso uqale.” kusho u-Ozoux. Lensizwa yakwa-Ozoux iqhube yathi, akuklwejwanga nje amathayi kuphela kodwa ubukhona nomcintiswano lapho abantu basemphakathini nabo bebekhombisa ngobuhle kanye namandla ezimoto zabo abawubiza ngeShow and Shine.

Lomgubho awuzukuphelela lapha ekukwebheni amathayi kepha uyaqhubeka impelasonto yonke le. kusazoyiwa nakhona embonini kuyokhonjiswa labo abathandayo ukwazi ukuthi liphekwa kanjani ithayi lisuswa phansi.

Kulindeleke ukuthi kuze kube yisonto elizayo imigubho ilokhu iqhubeka.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme